EZIKAMABONAKUDEIzindaba

Ngabe Usezobanjwa Yini Owayeqola Abantu Ku-Skeem Saam?

Ababukeli bomdlalo oboniswa ku-SABC 1, i-Skeem Saam bamagange ukubona isiphetho ngendawo elingiswa uSello Maake Ka Ncube. UMaake Ka Ncube ulingisa indawo ka-Proffesor Kganyago ongene kulomdlalo eyindoda ehloniphekile kanti unenhloso yokuqola imali yempesheni yobenguthishanhloko wase-Turfloop High School, u-Jacobeth Thobakgale.

UThobakgale usale engenalutho emuva kokuba uKganyago nabesebenzisana naye u-Luke bemqole yonke imali yakhe yempesheni ayithole esikhwameni sempesheni yabasebenzi bakahulumeni i-GEPF emuva kokuthatha umhlalaphansi.

Into yabo bebeyihlele kahle ngoba lo thishomkhulu kumthathe isikhathi eside impela ukubona ukuthi uhlangene nezimbila zithutha, ziholwa ngemhlophe phambili. Kuthe noma sebebanjwe ukuthi bayizinselwaboya, bavele banyamalala.

Nokho kuyathembisa ukuzwakala kwezindaba zokuthi lo mlingisi uyabuyela kulo mdlalo ongena ngehora lesikhombisa ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

Iphoyisa elingagayelwa mphako, uRathebe akaphumuli ezama ukutholKganyago njengoba esezithendeni kuLuke okubonakala sengathi sekuseduze ukuthi akhiphe ingulube esakeni.

USello Maake Ka Ncube wenze ubulungiswa kulo mdlalo efika ngo-2022 ukuzolingisa le ndawo yomlingisi oyiqola. Ababukeli bawo ubebashiya bebambe ongezansi ngeziqephu abevela kuzona ezishisa ibunzi. Uphawulile ngokuyela kwakhe kuwona.

“Lokhu kucacisa ngokusobala ukuthi abadidiyeli bawo bachazeka ngendlela engadlala ngayo indawo yami neqhaza lonke eyalibamba kulo mdlalo. Njalo mangidlala ngikhipha onke amangwevu, kube ngathi umdlalo wami wokuqala.

“Angisiye umuntu ovame ukuxoxa ngezinto engisuke ngizozenza kodwa ngothembis ababukeli ukuthi bazobona into yamehlo”, kusho uMaake Ka Ncube.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.