Imibono

Yaze Yalibuyisa Ithemba IBafana Bafana Igazinga IZimbabwe

Kujabule abantu abaningi bakuleli, kakhulu labo abalandela ibhola likanobhutshuzwayo ngesikhathi iqembu laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana libhaxabula kabuhlungu iZimbabwe ngamagoli amathathu kwelilodwa (3-1) e-Free State Stadium e-Bloemfontein ngoLwesithathu.

Sesiside isikhathi abalandeli bebhola bagcina ukubuka ingcwenga enje yebhola kuleli qembu. Ngale kokuthi iqembu linqobile, liphinde lazibekela indawo kumaqoqo okuhlungela imidlalo yendebe yomhlaba i-2026 FIFA World Cup.

Kujabulisile ukubona amagoli amaningi kangakaya emdlalweni owodwa. Lama goli azolisiza iqembu njengoba lilwela ukuthi libe sendaweni enhle eqoqweni C. Amagoli eBafana Bafana ashawe o-Iqraam Ryners namabili ashawe uThaphelo Morena.

Okunye okuhle esikubonile kulo mdlalo ukufakwa komdlali osemncane we-Orlando Pirates, oyisize idla iMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu e-Nedbank Cup, uRelebohile Mofokeng. Lo mfana uyikusasa kuleli qembu. Ngifuna ukubonga umqeqeshi u-Hugo Broos ngokuba umholi olalelayo, ngizwile ukuthi ufake uMofokeng ensimini emuva kokuba ecelwe unozinti ophinde abe ukaputeni kuleli qembu u-Ronwen Williams.

Isithombe: Unozinti weBafana Bafana uRonwen Williams ejabulela umdlali osemncane we-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng

Kungcono, seyize yadlula lento yepolitiki. Sekuzoke kube nohulumeni ozosebenzela abantu.

Nakuba umdonsiswano ubumkhulu kodwa sibone ukuvuthwa kubaholi bezepolitiki ngokuhlukana kwamaqembu abo, bebeka abantu bakuleli phambili kunokucabanga ngalokhu okuzozusisa bona kuphela. Siyathokoza ukuthi iNingizimu Afrika iyaqhubeka nokuba isibonelo emazweni omhlaba ukuthi izwe liyaphatheka kahle ngale kwezimpi nombango. Sithemba ukuthi ukusuka manje kuya phambili sizobona abantu bakithi kuyo yonke imikhakha yempilo besizakala.

Kunodaba esilubhalile kuMKHAYA ngomhlengikazi owabulala umuntu obemsiza emzini wakhe ngoba efuna ukuthola imali yomshwalense.

Kuyathusa lokhu, kakhulu ngoba kwenziwe umuntu wesifazane ekwenza komunye. Baqinisile abadala mabethi imali impande yesono. Bese kungaze kufe umuntu ngenxa yokuthanda imali. Ayi, kunzima bakithi, abantu abasenanembeza.

Nakuba ziziningi lezi gameko ezifuze lesi esesinokuzizwa kodwa siyanxusa ukuba amaphoyisa abanike izigwebo eziqinile abantu abagila lemikhuba.

Mina iyangidida lento kancane lento yomculo kamaskandi. Angifuni ukubiza abaculi ngamabhinca, ngoba ngiyazi ukuthi yini ibhinca futhi kuzosuke kube nomqondo engingaqondile ukukhuluma ngawo.

Kuleli sonto kube nokuqophisana kwamazwi phakathi komculi kamaskandi uMthandeni noDkt. Sipho Sithole oyisikhulu senkampani eqopha umculo, i-Native Rythms. Isidumo sisuke ngokuthi uDkt. Sithole aluleke abaculi bakamaskandi ngokuthi bengawuphatha kanjani umculo wabo njengebhizinisi futhi uhlonipheke, kwabe uzithintele kuMthandeni wodumo lwengoma ethi Paris.

Ushiye angalazi kuphela, emehla ekhuphuka naye kodwa-ke ngithandile nje ukuthi uyawazisa amagalelo akhe emculweni. Nokho iyaqhubeka lento yokuthi abaculi bakamaskandi bethatheke njengabantu abangakwazi ukubekezelela imibono nezinkulumo zabanye abantu. Ngale nje kokuthi uDkt. Sithole unolwazi olunzulu ngomculo futhi abephawula ngakho ukuqonda ngokwanele, mdala lowa muntu ngakho ngikholwa ukuthi bekufanele aphikiswe ngenhlonipho kulo mbono wakhe.

Nakuba sengikushilo konke lokho kodwa angahluleli muntu, singabantu senza izinto ngendlela engefani.

Sengivala ngifuna ukubongela inkakha endala emculweni kuleli uBonginkosi ‘Zola 7’ Dlamini ngokulungisa izinto nesitebele sakhe esidala i-Ghetto Ruff. Lokhu kuzindaba ezimnandi ngoba kusho ukuthi sizophinde sithole elinye ithuba lokulalela umculo wakhe. Okunye engikuthokozelile ukuthi uZola 7 uzophinde abonakale ku-TV ethula izinhlelo ezigqugquzelayo.

Ziningi ezinye izindaba ezibikwe kuleli sonto nesisazozibona ziqhubeka esontweni elizayo.

Kungako ebesikuphethe kuleli sonto kuMKHAYA, siphinde sihlangane ngokuzayo.

*Ungaxhumana nathi ku-Whatsapp [0640179872] noma ku-email ethi: editor.umkhaya@gmail.com

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.