UTshathugodo Ubonge Umkakhe noNkulunkulu Kuzalwa Umntwana
Umsakazi woKhozi FM uKhathide ‘Tshathugodo’ Ngobe ubhale ekhasini lakhe lika-Facebook ezwakalisa intokozo anayo ngesinqandamathe sakhe esisanda kuteta ingane yakhe.
UTshatha odume kanjalo kubalaleli boKhozi FM wenza uhlelo olungena ngehora lesithathu kuya kwelesithupha ntambama oluthi Woza Nabangani Bakho, alwenza no-Selbeyonce.
“Siyabonga kakhulu kuMdali wezulu nomhlaba ngalesi sipho esiyilungu elisha lomndeni wakwaNgobe kwaNjengonina. Siyabonga futhi nakulentokazi kaSkhosana esikhombisile ukuthi izowumisa mpo umuzi kaMaDumisa”, kusho uTshathugodo.
Leli lunga elisha lo mndeni wakwaNgobe lizalwa uSibongimpilo Skhosana ongunkosikazi kaTshathugodo. uSibongimpilo ungumlingisi, aphinde abe usomabhinizisi. Uke wadlala kwifilimi ebidlala ku-Netflix ngo-2019 ethi The Letter Reader, elingisa indawo kaNtombi. Eminye imidlalo ye-TV adlale kuyona i-Forbidden Love, Jersey Number 10, Comatoes, The Searcers noZalo.
UmkaTshatha akukho okuningi okwaziwa ngaye njengoba engesiyena umuntu othanda ukugqama nokukhuluma ngempilo. Esikwaziyo ukuthi ungowodabuka eMnambithi okuyindawo ebibizwa nge-Ladysmith.
Banomunye umntwana nalo msakazi woKhozi FM ongaconsi phansi kubalandeli balesiteshi, u-Azizibusiso ozalwe ngoNhhlangulana 2019