Izindaba

Owodumo Lwengoma Ethi ‘Buyelekhaya’ Ubuyela Ejele

Umculi odabuka e-Eastern Cape, uNathi Mankayi usezinhlelweni zokuvakashela iziboshwa emajele ngenhloso yokuziluleka futhi azimise idolo ukuthi akuphelile ngempilo yazo. UMankayi uzokwenza lokhu ngomkhankaso wakhe awubiza ngeSilwa Nemimoya Tour.

UMankayi oneminyaka engamashumi amane nanye (41) uke waboshwa naye ngo-2006 ngecala lokugqekeza alenze ngo-2002. Uphinde waboshwa futhi ngo-2019 kade kuphangwe ibhizinisi kodwa waphuma emuva kokubonisana nezisulu.

Lo mculi odabuka eMthatha khona e-Eastern Cape uthe ukhuliswe unin kuphela kunzima, okumenze wafuna ukuphila impilo abengayikhoni nokuyilapho eqale khona ukuzihlanganisa nabantu abangalungile, nokugcine kumphosa ejele.

Nokho uthi ufunde lukhulu ejele ngakho unesifiso sokusiza nabanye.

“Ngichithe iminyaka eyisishiyagalombili (8) ejele, bekunzima. Ngakho ngibona kuwumsebenzi wami ukuthi ngiqinisekise ukuthi ababoshiwe baphuma ejele bengaphindeli. Ngizoxoxa nabo ngezimo engiphile ngaphansi kwazo nakho konke engidlule kukho ngize ngiyeka ubugebengu”, kusho uMankayi.

UMankayi uthe emuva kokuchitha isikhathi ejele, uphume wangena emculweni.

“Sengiluqalile vele uhambo lokuvakashela amajele lapho engikhulumisana khona neziboshwa ngobungozi bokwenza ubugebengu. Ngisazoqhubeka nokuzivakashela futhi ngineqiniso ukuthi lokhu kuzowenza umehluko obonakalayo”, kusho uMankayi.

Ngo-2015 ukhiphe i-album yakhe yokuqala ethi Buyelekhaya ebinezingoma ezithi Nomvula, Imibuzo nezinye.

Echaza ngalomkhankaso wakhe wokuvakashela amajele uthe uzoqala mhlaka-22 Nhlangulana e-Botanic Gardens eThekwini.

“Lo mkhankaso ngiwubize ngokuthi Silwa Nemimoya Tour emuva kokuba ingoma yami ethi Imimoya engiyiqophe ngo-2022 yamukelwe kahle abalandeli bami. Le ngoma iyingxubevangi ye-afrosoul nomculo wokholo. Ngiyayithanda indlela eyamukelwa ngayo”, kusho yena.

Isithombe: Umfanekiso otshengisa yonke imininingwane ngomkhankaso kaNathi Mankayi iSilwa Nemimoya Tour

UMankayi uthe lo mkhankaso wakhe uzoqhubeka kuze kube uLwezi. “Lapho engisuke ngivakashele ngakhona ngibone ukuthi angisebenzisane nabaculi bngakhona njengoba eThekwini ngizobe nginoGatsheni ngoba ngiyazi ukuthi uyena ohamba phambili kulezi nsuku. Abanye abaculi abazobe bekhona eThekwini o-Naima Kay, The Soil noJumbo. Ngifuna wonke umuntu ajabule”, kusho uMankayi.

Ngomhlaka-19 Mfumfu uzobe eseGqebegha, mhlaka-7 Mandulo use-Cape Town, mhlaka-21 Mandulo uzobe ese-Bloemfontein, mhlaka-5 Mfumfu uzobe eseMthatha bese kuthi mhlaka-9 Lwezi abe seGoli.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.