Ngabe Izinkundla Zokuxhumana Ziyaqeda Nya Ngamaphephandaba?
Kungenzeka yini i-mainstream media igcine iphela nya indaba yayo?
Uma ngikhuluma nge-mainstream media ngikhuluma ngamaphephandaba amakhulu nemisakazo emikhulu, le ekuthenjelwe kuyo.
Ngibuza ngenxa yala mahlebezi athi amaphephandaba amane i-City Press, Beeld, Daily Sun ne-Rapport azogcina ukugaywa ngoMfumfu walonyaka.
Onke la maphephandaba angaphansi kwenkampani i-Media24.
I-MoneyWeb ibika ukuthi lamaphephanda asezotholakala online kuphela iphepha ngeke lisabakhona.
Ngesikhathi se-Covid19 yona le nkampani yavala amabhuku afana no-Move, Drum nephephandaba i-Sunday Sun.
Pho yini le eqeda amaphephandaba amakhulu, yini le eyenza bangasakhoni ukugaya iphepha kodwa babone kungcono ukubalekela ku-online media?
Impendulo ilula, izinkundla zokuxhumana ziwuqedile umkhakha wezobuntatheli.
Izindaba zonke sezakhulunywa ezinkundleni zokuxhumana. Ngesikhathi usayogaya iphepha kusuke sekudluliwe lapho sekukhulunywa okunye.
Izinkundla zokuxhumana zenza abantu bazikhethele ama-website ezindaba abawathandayo, podcasts, nemisakazo e-online abayithandayo.
Bafunda izindaba abazithandayo, nabazethembayo ngesikhathi esithandwa yibo. Lokho nje kukodwa kudala inkinga kumaphephandaba.
Enye inkinga yile yokuthi amaziko ezindaba amaningi aphethwe ngabantu abangagogodile futhi abangaqeqeshekile kwezobuntatheli.
Lokho kuba nomthelela omubi ngoba ezinye izindaba ezigcina zingena ephepheni zisuke ziluhlaza nezinga lazo liphansi. Lokho kuyalenza iphepha lehlelwe izibalo ligcine seliduva emashalofini.
Umbuzo usamile, uthi kungenzeka yini imithombo yabezindaba igcine iphelelwa ngamandla ngenxa yezinkundla zokuxhumana?
*UZama Nteyi uyintatheli ezimele, ungamlandela ekhasini lakhe lika-Facebook [Zamanteyi Nteyi]