UMthandeni Ukhuza UDkt. Sipho Sithole We-Native Rhythms
Sekusuke impi yamagama phakathi komculi kamaskandi uMthandeni Manqele nomdidiyeli womculo obuye abe umphathi we-Native Rhythms, uDkt. Sipho Sithole. Le mpi iqale kuleli sonto ngesikhathi uDkt. Sithole ezwakalisa uvo lwakhe ngendlela abaculi bakamaskandi okufanele bephathe ngayo umsebenzi womculo njengebhizinisi.
UDkt. Sithole uthe kufanele abaculi bakamaskandi babambisane ukuze bengadlali abagqugquzeli bemicimbi, ngoba bazi ukuthi bangamabhinca.
“UKhuzani noMthandeni ibona abangabuyisa isithunzi sikamaskandi ngokuthi behlangane”, kusho uDkt. Sithole.
UDkt. Sithole ukhale kakhulu ngokuthi abaculi abaningi abasakwazi ukucula bukhoma (live), nokwenza kube kube nzima ukuthi beyiswe phesheya futhi bekhokhelwe imali ebafanele. “Sengike ngakhuluma noKhuzani wangitshela ukuthi hhayi ngoba bengafuni ukudlala bukhoma kodwa abagqugquzeli abangafuni ukukhokha”, kusho uDkt. Sithole.
Uqhubeke wathi into ezosiza labaculi ukuthi baziqeqeshe ukudlala bukhoma “ngoba lokhu abakwenza manje asikwazi thina”, kusho uDkt. Sithole.
Emuva kwalokho uziphendulele uMthandeni ekhasini lakhe lika-Facebook wathi: “Ngisebenze kanzima ukulungisa umlando wami omuhle kubantu, obuncoliswa ngabantu abenza njengalo baba engingamazi ne-smile senkomo.
“Ngicela ningikhuzele yena zingabade, nimtshele ukuthi akahlukane negama lami. Lo baba wabantu angimazi kodwa ngiyamuhlonipha. Ngimuhloniphela nje amagalelo okuvuthwa kobuso bakhe”, kusho uMthandeni.
“Ngizwa ngibadabukela abantu abanjena Nkosi yami ngoba abanye babo bashoda ngolwazi, bayasetshenziswa bese bebhekana ngqo noNkulunkulu wobizo lwami, zibakhalele”, kufuthelana uMthandeni.
Uqhubeke wathi ulwa nokufakwa kwegama lakhe engxoxweni yabantu angahlangani nayo.
“Ngiphinde ngezwa kuthiwa lomuntu abexoxa naye lobaba ngathi ubuye athi asondelane nami futhi ubuye athi ngiyimbangi yakhe. Anginambangi mina. Akekho umculi olingana nami, anginambangi namuntu”, kusho uMthandeni.
UMthandeni uthe nakuba uDkt. Sithole ebuye ekhulume into enomqondo kodwa akafuni afake igama lakhe. “Lo baba uvumela ukusetshenziswa abantu kanti mdala.
“Shuthi lo baba akazi ukuthi kumaskandi kuphethe mina futhi ngiphethe kuyo yonke indawo, ngiyashaya, ngiyacula, ngenza konke nje”, kusho uMthandeni.
Lo mculi uncome uDkt. Sithole ngendlela akhulume ngayo neziluleko zakhe kanye namava akhe emculweni kodwa wabe esemnxusa ukuthi akhiphe igama lakhe mayekhuluma.
UMthandeni ulale isibili kumncintiswano wengoma ehlukanisa unyaka emsakazweni Ukhozi FM ngomhlaka-31 Masingana 2024 ngengoma yakhe thi Paris ayenza noLwah Ndlunkulu.