EZOMPHAKATHIIzindaba

U-TNS Unikele Kwabakhahlanyezwe ‘Inkanyamba’ OThongathi

Umbhali nomculi we-afropop ophinde abe u-DJ, u-TNS welule isandla, waphosa naye esivivaneni kubantu abasale dengwane emuva kwemvula ebinkulu nomoya onamandla okuhlasele oThongathi enyakatho yedolobha laseThekwini, KwaZulu-Natali.

Emasontweni amabili adlule oThongathi kudlule inkanyamba, kwasuka isiphepho esikhulu esidlule nophahla emizini eminingi nasezikoleni, eminye imizi idilikile abantu basala bengenalutho. Imindeni engaphezu kwenkulungwane incela izithupha njengoba ingenayo ngisho ukudla. Abantu abaningi sebesebenzisa amahholo omphakathi njengamakhaya.

U-TNS uye kuleyandawo wanikela ngezingubo zokulala, nathe ususwe ukubona usizi abantu abaphila ngaphansi kwalo futhi uthokozole ngokufaka isandla naye.

Isithombe: U-TNS emi eduze kwezingubo anikele ngazo oThongathi, KwaZulu-Natali

“Ngibone umonakalo owenzekile ngase ngithi angidlule ngifake isandla nami..”, kusho u-TNS.

Lo mculi wodumo lwezingoma ezike zashisa izikhotha ezithi Club Control ne Banomoya, ungowokuzalwa eMandeni ngaphansi kukamasipala wesifunda Ilembe.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.