Izindaba

Kuncengwa I-SA Ukuthi Ingaphelelwa Umfutho Kolwase-Gaza

Izinhlangano zomphakathi zikhulume ngazwi linye zikhuthaza elakuleli ukuthi lingaphelelwa umfutho odabeni lokulwela ukukhululeka kwabantu base-Palestine. Lokhu kwenzeke kwisithangami sezindaba ebesise-Desmond and Leah Tutu House e-Cape Town ngoLwesithathu.

Izikhulumi ezivela kulezinhlangano bezicacisa isifiso sazo sokuthi iNingizimu Afrika iqhubeke nokushushuzela i-International Court of Justice (ICJ) ukuthi inqande izwe lakwa-Israel ukuthi lime ukuhlasela e-Palestine.

IJaji eselathatha umhlalaphansi enkantolo yomthethosisekelo kuleli Ijaji Albie Sachs nomsunguli we-Gift of the Givers u-Dkt. Imtiaz Sooliman bebeyingxenye yalesithangami.

Ijaji Sachs unxuse izwe lakwa-Israel nelase-Palestine ukuthi asebenzisane ukuthola isixazululo sokuletha ukuthula kulolu daba. Uqhubeke wathi lamazwe kufanele abelane umhlaba kanye namanye amagugu awo ukuze omabili athuthuke.

Uqhubeke wathi unethemba lokuthi lamazwe azokwazi ukuqhamuka nendlela yokusebenzisana, abonisane ngesivumelwano sesikhathi eside njengoba kwenza elakuleli ngesikhathi libhekene nohulumeni wobandlulo.

U-Mnuz. Sooliman uthe i-African National Congress (ANC) kufanele iqhubeke nokulwela ukukhululwa kwabantu base-Palestine uma uhulumeni wobumbano lwesizwe (Government of National Unit – GNU) sewuhlanganisiwe. Uthe ithimba labameli bakuleli elalibhekene nelakwa-Israel lenza into ecokeme empini yokulwela amalungelo abantu.

Unxuse i-ANC ukuthi isebenzisane namaqembu azokwazi ukukhuluma izwi elilodwa nayo, lokuthi kukhululwe abantu base-Palestine.

Omunye okhulume kulesithangami uMnuz, Mandla Mandela oyilungu le-ANC othe uhulumeni olandelayo kufanela aqhubeke nokubeka phambili umzabalazo wabantu base-Palestine.

Uthe elakuleli kufanele liqhubeke nomsebenzi ebese livele liwuqalile wokulwela amalungelo abantu base-Palestine.

Kukhulunywa kanjena nje, izinhlangano eziletha usizo eGaza zikhala ngokuthi amathimba awo ezempilo awakwazi ukungena, abhajwe emngceleni wase-Rafah. Isimo sezempilo eGaza kubikwa ukuthi sinzima kakhulu.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.