EzosaziwayoIzindaba

I-TKZee Izokwethula I-Podcast Yayo Ngosuku Lwentsha

Iqembu ebelishisa izikhotha ngomculo weKwaito eminyakeni edlule selimemezele ukuthi lizokwethula i-podcast yalo yokuqala ngomhlaka-16 Nhlangulana 2024 ngehora leshumi ekuseni. Ukwethulwa kwale-podcast ezobe iboniswa ekhasini le-TKZee ku-YouTube kuqondane nokuthi igubha iminyaka engamashumi amabili nanhlanu (25) ikhona njengeqembu abakubiza nge-25th Anniversaty of Hallowen.

Inkakha kwezobuntatheli u-Lesley Mofokeng uyena ozobe engumethuli wale-podcast. UMofokeng uphinde abe umbhali wezincwadi ezilandisa ngempilo yosaziwayo abangonontandakubukwa oSomizi noKhanyi Mbau.

Ephawula ngokuthulwa kwale-podcast kanti nokwenziwa kabusha kwengoba ethi Hallowen, uZwai Bala oyilungu elihlanganisa izinsimbi nemisindo kuleli qembu uthe : “Nakuba i-TKZee yayimele intsha yangesikhathi sabo kodwa ngeke bewufele amathe umsebenzi owenziwa wentsha eyayizabalazela inkululeko ngaphambi kwabo, kanye namathuba atholwa intsha yamanje. Ngithemba ukuthi i-25th Anniversary of Hallowen izokwazi ukugcina umsebenzi wethu emqondweni wabantu futhi ithumele umyalezo wokwenza umsebenzi ngendlela enozinzo ukuze kufezeke amaphupho.

“I-Hallowen sayikhipha yaphuma ngo-1998, kwakusaphele iminyaka emine singene kuhulumeni wentando yabantu. I-25th Anniversary of Hallowen ifana nengxoxo ezobe isikhumbuza ukusunguleka kwe-TKZee kanye nokukhula kwayo yenza ingxubevange yomculo othandwa izinhlobo ezihlukene zabangu”, kusho uZwai.

Leli qembu elihlanganiswe izinsizwa ezintathu oZwai Bala, Kabelo Mabalane no Tokollo ‘Magesh’ Tshabalala lifuna ukwabelana nomhlaba wonke umculo walo owalenza laduma kakhulu ngale-podcast ebizwa nge-25th Anniversary of Hallowen. Elinye ilingu leqembu uTokollo ushone ngo-2022 eseneminyaka engamashumi amane nanhlanu (45) emuva kokudlikiza.

Isithombe: I-album ethi Hallowen yeqembu i-TKZee eyaphuma ngo-1998

Kule-podcast kuzobe kunezingxoxo nabanye abantu ababambe iqhaza ekwakhiweni kwe-TKZee kanye nakwimpumelelo yayo. Ngeke besale ngaphandle abalandeli baleli qembu abebeleseka tonke leminyaka.

Amalungu e-TKZee oZwai, Kabelo bazovakashela e-Mr Vinly mhlaka-13 Nhlangulana ngehora lokuqala emini ukubingelela nokuxoxa nabalandeli bakhe.

Uma ufuna ukubuka i-25th Anniversay of Hallowen mhlaka-16 Nhlangulana ungengena kule-link: https://www.youtube.com/watch?v=sULquK36fPo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.