UZuluboy Uthi Amaciko Awabe Ingxenye Yomzabalazo
Umculi we-rap oyilungu le-MK Party, uZuluboy usefake ikhwelo kubaculi ukuthi besukume belwele izwe labo. Ukusho lokhu emuva kokuba ngoMsombuluko iqembu lakhe liveze ukuthi seliyalele abameli balo ukuthi bafake amaphepha enkantolo yomthethosisekelo ukuthi ivimbele ukufungiswa kwamalungu ephalamende kanye nokuqokwa kukamengameli ngoLwesihlanu.
UZuluboy utshele abezindaba ukuthi amalungu eqembu lakhe ngeke ebe ingxenye yokufungiswa kwamalungu ephalamende ngoba lokhu okwenziwayo akukho emthethweni.
“Asiyi kulela phalamende. Abantu abaningi benza sengathi konke kuhamba kahle. Izinto azihambi kahle. Kunesikhalazo esafakwa ku-IEC. Kwakungamele imemezele umphumela wokhetho. I-IEC kwakungafanele imemezele umphumela wokhetho ngoba kwakunesikhalo esasifakwe kuyona. I-MK Party yanqoba ngamalengiso kulolu khetho”, kusho uZuluboy.
Uthe amaciko kufanele abe ingxenye yomzabalazo obheke nomkhakha wezobuciko.
“Umkhakha wezobuciko ulokhu uthwele kanzima futhi sesiside lesikhathi. Lento usazoqhubeka nokuthwala kanzima uma sivumela uma amaciko ehleli phansi, evumela abantu abadlal ngawo bengene kuleli zwe. Ngeke mina njengeciko ngithi ngikhuluma, elinye iciko lizithulele nje bese uma sekuyisikhathi sokudla ebesikusebenzela bese liba kulayini wokuzuza”, kusho uZuluboy.
Utshele amaciko ukuthi awayeke ukuzivalela emakhoneni ebuka izwe licekelwa phansi isitha.
“Amaciko awasukume ngoba izwe liyawa. Njengamaciko kufanele sibhale umculo okhuluma ngezinto ezenzekayo njengoba babenza abanye abaculi ngaphambi kokhetho lukazwelonke ngo-1994. Kufanele sihlangane njengamaciko sigxishe ngaku-MK Party. Kuphakathi kokuthi kubalwa kabusha amavoti noma kuvotwa kabusha. I-MK Party ayiyi ephalamende”, kuyo yena.
UZuluboy ukhiphe ingoma ethi Mayibuye lapho ekhuluma khona ngoshintsho oluzokwenzeka ngemuva kokhetho obelubanjwe eNingizimu Afrika.