Ujoyina Abanye Osaziwayo Asebengo-DJ Obedlala Ku-Scandal!
UNomvelo Makhanya oke wabonakala emdlalweni waku-eTV, i-Scandal! usejoyine abanye osaziwayo asebengene emkhakheni wokuklwebha amapuleti ezindaweni zobumnandi. Lo mlingisi udume ku-Scandala! edlala indawo kaLindiwe Ngema, kanti eminye imidlalo aphinde wabonakala kuyo i-Soul City neSibaya.
Utshele iphephandaba elibhala ngesingisi i-TimesLive ukuthi ubevele enothando lokuba u-DJ nokumenze wanquma ukusebenzisana nenkampani ebikade iqopha umculo ka-DJ Black Coffee i-Soulistic.
“Ngithe ngise-studio ngelinye ilanga ngihlanganisa okuthile, ngathi ake ngizame enye into. Ngathi ukuhlanganisa izingoma kancane, kwenzeka kalula. Ngibe sengenza izifundo zokuba u-DJ, ngenziswa u-Lebza The Villian. Ngiphinde ngafundiswa nangabanye abantu abehlukene. Kube kuhle ngiyingxenye ye-Soulistic kodwa manje angisekho khona”, kusho uNomvelo ozibiza ngo-DJ Mvelo.
Uthe usamile ekulingiseni okwamanje emuva kweminyaka eyisishiyagalolunye edlala emdlalweni i-Scandal!
“Bekuyinto ebengithanda nje ukuyenza. Bengifuna ukushiya umdlalo bese ngigxila kwezomculo. Kodwa manje sengifuna ukubuyela futhi. Kumanje ngibheke ukuhambela noma iyiphi inhlolakhono evelayo. Noma kanjani kukhona engizokuthola”, kusho yena.
Lo mlingisi oneminyaka engamashumi amabili nantathu (23) ujoyina abanye osaziwayo asebengene kulo mkhakha, o-Pearl Thusi, Thuli Mpongolo, Tamara Dey, Dineo Ranaka nabanye abaningi.
Uthe umuntu omfake ugqozi lokuba u-DJ u-Desiree ongomunye wo-DJ abakhulayo bomculo we-house eNingizimu Afrika futhi odume ngokuhlanganisa kakhulu i-afrocentric nesitayela se-techno.
“Umculo uyangigqugquzela, akukhathalekile ukuthi ngiyacula, ngiyalingisa noma ngiwu-DJ. Ngiphilisa abantu ngalokho. Ikhono lami ekulingiseni libaphilisile abantu emakhaya abo lafundisa nababukeli. Nomculo wenza into efanayo kanye nokuba u-DJ kushiya umfutho ofanayo”, kuchaza uNomvelo.
UNomvelo ongowodabuka eNkandla uthe ezinyangeni ezimbalwa ezizayo abalandeli bakhe bazozwa umculo ohamba negazi futhi ohlukile uma esekhiphe ama-single omculo wakhe.
“Ngidlala i-afrocentric ne-afrohouse, isikhathi sesifikile sokuthi ngikhiphe i-single eyodwa noma amabili. Abantu abalindele nje maduze emakhasini ami ezinkundla zokuxhumana”, kusho uNomvelo.

Isithombe: Umfanekiso onemininingwane yokuxhumana noNomvelo ‘DJ Mvelo’ Makhanya
Uthuse abaningi uNomvelo ngonyaka odlule ebhala ekhasini ukuthi indlela abephethwe ngayo ku-Scandal! ibibuhlungu kangangokuthi uze wafisa ngisho ukuzibulala.