Kuxwayiswa Umphakathi Ngesifo I-MPOX
Ungqongqoshe wezempilo kuleli uDkt Joe Phaahla usexwayise abantu ukuthi beqaphele emuva kokubikwa kwezinye iziguli ezimbili okutholakale ukuthi zinesifo i-Monkey pox esesibizwa nge-MPOX.
Isiguli esitholakale kamuva, owesilisa oneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalolunye (39) olaliswe e-Addington Hospital eThekwini. Esinye isiguli silaliswe e-St Augustine Hospital khona eThekwini.
Ngenyanga edlule kutholakale iziguli ezimbili ebezilaliswe ezibhedlela zaKwaZulu-Natal nase Gauteng. Esinye isiguli esitholakele ukuthi sinalesi sifo akuqondakali ukuthi singesasiphi isifundazwe ngoba besiphika ukuthi singesaKwaZulu-Natali njengoba besitholakale eGauteng.
isibalo seziguli esekuqinisekisiwe ukuthi zitholakale nalesi sifo sesifinyelele kwezinhlanu.
I-National Institute of Communicable Diseases (NICD) inxusa wonke umuntu obona izimpawu zalesifo ukuthi aphuthume esikhungweni sezempilo esiseduze kwakhe ayohlolwa.
Izimpawu zalesifo ukuqubuka okuhlala amasonto amabili kuya kwamathathu ezandleni nasebusweni, ukuzwela amakhaza kakhulu, ubuhlungu beminkantsha, ubuhlungu ngemuva emhlane, ukuzizwa ukhathele kakhulu nokuvuvukala kwezindlala.
Kucelwa abantu ukuthi bejwayele ukugeza izandla nokuhlanza indawo abahlala kuyona.