Kugqashuke Igoda Phakathi Kuka-TK Nciza Nesithandwa Esisha
Sekuphelile obekuhlanganise unobhala we-ANC eGauteng nongusomabhizinisi uThembinkosi ‘TK’ Nciza nesithandwa sakhe uLebo Phasha kulandela ukuthi bethembisene umshado ngoZibandlela wonyaka odlule nakho okungenzekanga. Laba bahlukana nje bese bethandane unyaka nje owodwa.
UNciza uke waba sebudlelwaneni noNhlanhla Mafu weMafikizolo nokho abagcine behlukene naye ngo-2009 njengoba manje esehlukana noLebo.
Emuva kokuhlukana noNciza, uNhlanhla wabhala ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana echaza ukuthi kwenzekeni phakathi kwabo. “Emuva kweminyaka eyishumi nanhlanu sishadile nomyeni wami u-TK Nciza, sekufike lapha sivumelana khona ukuthi asihlukane”, kubhala uNhlanhla.
Kulobudlelwano obusanda kuphela uNciza ubeselobole, sekulungiselelwa usuku lomshado. Ngonyaka odlule kube nesiphihli somcimbi abakwa makoti behlangene nabakwaNciza. Emuva kwalokho izithandani uNciza no Lebo bazikhiphele phesheya, beyogubha uthando lwabo ndawonye.
Ngokusho komthombo osondelene nabo laba, uthi bese befana nezingane zandawonye uNciza no Lebo. “Izingane zikaLebo nezikaNciza bese kungathi ziyalamana, indlela ebezizwana ngayo. Kodwa njengoba sebehlukene, uNciza uselande imoto abeyithengele uLebo, naye [uLebo] usephumile emzini kaNciza. Bobabili sebesuse izithombe zabo bendawonye ezinkundleni zokuxhumana.
“Lento yabo isiphelile futhi angiboni bebuyelana mina”, kusho umthombo.
Lo mthombo uqhubeke wathi: “UNciza ubonakale emcimbini we-ANC wokugubha iminyaka eyi-112 ngoMasingana nonyaka ehamba nomunye wesifazane obekubonakala nje ukuthi ujola naye. Bebebukeka besondelene ngaso sonke isikhathi”, kuphetha umthombo.