I-Chiefs Izohlukana No-R2m Ngenyanga Mayifuna UPitso Mosimane
Iqembu lebhola laseNaturena i-Kaizer Chiefs sekuvele ukuthi kumele lizilungiselele ukuhlukana nemali engu-R2 million njalo ngenyanga uma lizimisele ngokuthola u-Pitso Mosimane.
UPitso oqeqesha iqembu lase-Saudi Arabia elidlala ku-Saudi Pro League i-Abha Club uzobe etholakala emakethe ngokuqala kwe-season ezayo njengoba kungacaci ngokuvuselelwa kwenkontileka yakhe ngokuphela kwale-season esikuyona.
Nokho sekuqagulwe ukuthi lo mqeqeshi akabizi ugila izimanga. Ngesikhathi kuqulwa icala ebeliphakathi kwakhe, i-Mamelodi Sundowns nenkampani ebiphethe izindaba zakhe i-MT Sports Marketing and Management kuvele ukuthi uPitso ubehola imali engu-R1.55 million kwi-Sundowns ngo-2020.
Umdonsiswano wasenkantolo uphakathi kwe-Sundowns nomnikazi we-MT Sports Marketing and Management uMoria Tlhagale, njengoba i-Downs ifuna ukukhokhelwa imali engu-R8.6 million ngoba kunombandela kwinkontileka eyasayinwa uPitso othi uma kwenzeka eshiya iqembu singakashayi isikhathi okuvunyelwene ngaso iyobuya le mali.
NgoNhlaba 2020 uPitso usayine inkontileka ne-Sundowns kwathi ngo-September walowo nyaka wayishiya esebheke kwi-Al Ahly yase-Egypt lapho ayezohola imali ethe xaxa.
Leli cala eliwumzukuzuku belihleli ngeSonto eledlule laphinde lahlehlela usuku olungashiwongo.
Emaphepheni asenkantolo kuvela ukuthi uPitso ubehola imali engu-R1.55 million njalo ngenyanga, bese inyuswa eminye imihlomulo.
Ngesikhathi uPitso eshiya i-Al Ahly ngo-2022 uqhubekile nokuqeqesha emazweni angaphandle kwakuleli njengoba ejoyine amaqembu ehlukene i-Al-Ahli Saudi FC, Al-Wahda yase-UAE ne-Abha Club yase-Saudi Arabia. Kuwo onke lamakilabhu umholo wakhe wenyanga ubulokhu unyuka.
Amakhosi kulindeleke ukuthi angene impela ephaketheni, akhiphe u-R2 million noma ngaphezulu kwalokho uma efuna uPitso.
Nokho uma eba nenhlanhla Amakhosi lomqeqeshi usengavuma ukuthatha imali engaphansi kwalokho ngoba uke wezwakala ethi ukusebenza kwi-Chiefs kungaba inselelo emnandi.