UZola 7 Ubuyela E-Ghetto Ruff, Uzokwethula Nezinhlelo Ku-TV
Sekuvele izindaba ezithi umculi we-rap oke washisa izikhotha eNingizimu Afrika, uBonginkosi ‘Zola 7’ Dlamini usephinde wahlangana no-Lance Stehr ongumnikazi wesitebele sokuqopha i-Ghetto Ruff ngenhloso yokubuyisa udumo lwakhe olwamakhela igama emculweni.
Kuzokhumbuleka ukuthi uZola 7 ugcine ukubonakala e-Ghetto Ruff ngo-2008 emuva kokungazwani kahle no-Stehr ayemsola ngokuthi uqashe izintatheli, azinike imali ukuze zibhale kabi ngaye. Wayephinde asole u-Stehr ukuthi uyamqola.
“U-Stehr ufanelwe ukuhlala esihogweni, eduze kwamalahle lapho okufanele ashe khona. Usebulele ikusasa labantu abaningi, akuhlekisi”, kusho uZola ekhuluma kwingxoxo ayenza ne-Podcast and Chill.
Muva nje kuvele izindaba ezithi uZola uke wahlangana no-Stehr balungisa ukungaboni ngasolinye kwabo futhi bathembisa ukuthi bazoqala ukusebenza ndawonye.
“Ngesikhathi bexabana kunabantu ababematasa befunza uZola 7 ngezinto ababethi zenziwa u-Stehr kodwa iqiniso ukuthi ubevele eyidinga i-Ghetto Ruff. Kungcono kodwa manje ngoba sebeyilungisile into ebibahlukanisa futhi sebeyasebenzisana”, kusho umthombo.
Kuzothi mhlaka-16 Nhlangulana uZola 7 akhiphe kabusha ingoma yakhe eyashisa izikhotha ethi Ghetto Fabulous bese kuthi ngomhlaka-18 Nhlangulana akhiphe i-album ethi Bhambatha, ezobe izwakala kuma-digital platforms.
“I-Ghetto Fabolous ayikaze ingene kuma-digital, iphume esikhathini esidala kakhulu kodwa manje isikhathi sokuthi abantu beyizwe ngoba kade belokhu beyifuna. Ngasosonke isikhathi manginandisa e-stage angiyishiyi”, kubhale uZola ekhasini lakhe le-Instagram.
Umthombo ubike ukuthi kumanje uZola 7 uqopha iziqephu zohlelo lwezingxoxo lapho ekhuluma khona nosaziwayo, amaciko, osopolitiki kanye nabantu nje abenza izinto ezinhle emphakathini. Lolu hlelo kulindeleke ukuthi luqale ngoMfumfu nonyaka.
UZola 7 oneminyaka engamashumi amane nesikhombisa (47), uke wadlala emdlalweni owaduma kakhulu ku-SABC 1, iYizo Yizo