EZOMPHAKATHIIzindaba

Uhlelo Lwe-Quick Win Selwenze Umehluko Obonakalayo Kosomabhizinisi BaseMandeni

Eminyakeni edlule umasipala waseMandeni wethule uhlelo lokulekelela osomabhizinisi abancane ngezimpahla nemishini yokuqhuba amabhizinisi abo, olubizwa nge-quick win project ngenhloso yokulekelela abantu abanesifiso sokusungula amabhizinisi ukuze bezisebenze, kuphinde kuthuthukiswe laba asebenawo. Ngesikhathi luqala lolu hlelo belwamukela bonke abantu ukuthi bezihlele, bebe ngamaqoqo bese befaka izicelo ehhovisi le-local economic development (LED) kumasipala.

Ngokuhamba kwesikhathi kubonakele ukuthi uhlelo lolu luvalela ngaphandle osomabhizinisi ababhalisile kodwa abafisa ukulekelelwa nabo ukuze amabhizinisi abo akwazi ukukhula futhi azinze.

“Sibone ukuthi kunabantu abavaleleka ngaphandle, sase sibona ukuthi asivulele ithuba nakubantu abanamabhizinisi ngabodwana futhi abhalisile.

“Lokhu kusinikeze ithuba lokuthi sikwazi ukuhlonza amabhizinisi angabhalisile, sakwazi ukuwalekelela ukuthi abhalise, sawanika noqeqesho lokuphathwa kwamabhizinisi”, kusho uNksz. Zama Mnqayi oyi-LED Manager kumasipala waseMandeni.

Echaza uNksz. Mnqayi uthe uhlelo lwe-quick win lungolunye lwezinhlelo umasipala owenza ngazo umehluko futhi osukwaze ukuthuthukisa ngalo osomabhizinisi bendawo. “Kunosomabhizinisi abenza umsebenzi ongaphoqi ukuthi bebhalise, njengalaba abadayisa ematafuleni edolobheni nabama-tuck shop. Esikwenzayo ukubalekelela, siye sibabhalise ngaphansi kohlu losomabhizinisi esinabo kumasipala, sibanike izimvume zokudayisa okubalekelela ukuthi bengaphazamiseki ezindaweni abadayisa kuzona nokuthi uma umasipala unezinhlelo onazo zentuthuko ukwazi ukuxhumana nabo”, kuchaza uNksz. Mnqayi.

Uhlelo lwe-quick win selukwaze ukulekelela inqwaba yosomabhizinisi kule minyaka edlule ngemishini yokusebenza efana nemishini yokuhesha, izitofu zokupheka, iziqandisi, imishini yokuthunga, ama-gas, imishini yo-DJ nezipikha, izihlalo namatafula, ama-laptop nama-printer, izitofu zokupheka ama-chips nokunye okuningi. Ngonyaka odlule nje uwodwa umasipala usebenzise imali engu-R1 000 000 ukuxhasa uhlelo lwe-quick win kuwo wonke ama-ward lapho okuhlomule khona osomabhizinisi abangamashumi amathathu nesithupha (36).

UMKHAYA ukhulume nabanye abahlomulile kulolu hlelo, abathe umasipala ubasize kakhulu ngokubalekelela ngezimpahla nemishini njengoba lokhu kuzokwenza umehluko emikhakheni abakuyona.

Umculi kamaskandi ophinde abe usomabhinizinisi uBhekabantu Mkhwanazi owaziwa ngokuthi Umfana Wothando uthe ujabule kakhulu ngokulekelelwa umasipala waseMandeni nge-sound system. “Le-sound system izovala isikhala ebesikhona njengoba izongisiza ekutheni ngiye kubantu. Uma sengiwukhiphile umculo bengingakwazi ukuya kubalandeli bami nasezindaweni zomphakathi ngiyonandisa kodwa manje sekuzoshintsha konke lokho”, kusho Umfana Wothando.

Isithombe: Umfana Wothando ehlezi eduze kwe-sound system ayinikwe umasipala waseMandeni ngaphansi kohlelo lwe-quick win

Lo mculi ongowase-ward 9 kuwo lomasipala uthe njengoba enenkampani ehlela imicimbi usezokwazi ukuhlela imicimbi kahle esebenzisa i-sound system yakhe futhi akwazi nokuzikhangisa. Utshele UMKHAYA ukuthi umasipala waseMandeni usumsize kokuningi njengoba uke wakhokhela izindleko zokuhamba ngesikhathi eyokuba nengxoxo nesiteshi se-TV i-1KZN TV.

Omunye esikhulume naye uNjabulo Mabunda ongumqophi wamafilimi aphinde abe umlingisi. Utshele UMKHAYA ukuthi umasipala umsize ngemishini yokuqopha. “Njengoba ukwenza amafilimi kudinga imisindo eyehlukene nje, lemishini izongisiza kakhulu ukuphucula iqophelo nezinga lomsebenzi wami”, kusho uMabunda.

Uthe lolu sizo luzomenza akwazi ukuqhubeka aveze futhi athuthukise amakhono abalingisi baseMandeni. “Sengisebenze kakhulu kuleminyaka edlule ukupholisha nokuveza amakhono abantu basendaweni kwezokulingisa. Ngiyaziqhenya ukuthi uThulani Hlatshwayo useke wabonakala ku-Durban Gen, Ifalakhe noZalo, u-Duke Ndwandwe obuye abe umsakazi weSiyathuthuka FM useke wabonakala kuZalo kanye Wonder Mbhele obonakala ku-Smoke & Mirrors nabanye engisabapheka”, kuchaza uMabunda.

Utshele intatheli yoMKHAYA ukuthi kumanje upheka ifilimi ezophuma maduze ethi Cishe ekhuluma ngothando oluvuthayo phakathi kwabantu ababili kodwa oluxakwe inselelo yomlando omdala wokungazwani kwemindeni yabo.

“Ngokuzayo ngingafisa ukulekelelwa ngakhe isikole engizofundisa kusona abalingisi kodwa ngiyabonga kuwona umasipala ukuthi okwamanje usangisize ngendawo i-Love life Youth Centre lapho ngisebenzela khona njalo ngamaSonto”, kusho uMabunda.

Ekhuluma emcimbini wokunikezela ezinye izimpahla nemishini emcimbini obuseSibusisiwe Hall ngonyaka odlule imeya yakumasipala waseMandeni iKhansela Thabani Mdlalose ithe amabhizinisi amancane anethuba lokukhula abe makhulu futhi abe neqhaza ekuthuthukiseni ezonomnotho endaweni aphinde asize abanikazi bawo ukuthi bondle imindeni yabo.

“IMandeni yaziwa njengesizinda sezomnotho kubantu abaningi, ngaleso sizathu sihlale njalo sizimisele ukulekelela nokuthuthukisa osomabhizinisi abancane ukuze bekwazi ukudala amathuba emisebenzi, nabanye bekwazi ukuthola imali yokuziphilisa.

Imeya uMdlalose yaqhubeka yacela labo abahlomulile ukuthi: “beziphathe kahle izimpahla nemishini esibanika yona futhi bazisebenzise ngokuqikelela sazi ukuthi mase kufika isikhathi esilandelayo sesinika abanye futhi osomsbhizinisi. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi ubudlelwane bethu njengomasipala kanye nabo njengosomabhizinisi buqinile njengokhonkolo.

Yize lolu hlelo luluhle futhi selukwazi ukulekelela nokuthuthukisa osomabhizinisi abaningi bendawo kodwa abanye balusenzise kabi njengoba izimpahla nemishini abayitholile banquma ukuthi beyidayise, inhloso yalo yagcina ingafezekanga. Nokho siyakholwa ukuthi njengoba sekuye kuhlonzwe osomabhzinisi ababhalisile kuzonqandeka izigameko ezifana nalezo ngoba ukubhalisa ibhizinisi kutshengisa ukuzimisela nokuzinikela entweni.

UNksz. Mnqayi utshele UMKHAYA ukuthi nakulonyaka luzoqhubeka uhlelo lwama-quick win. “Siye silwenze njalo uma kuqala unyaka wezimali kumasipala. Njengoba kuzoba uNtulikazi nje sesisozoqala ukufaka izikhangiso ezimema osomabhizinisi ukuthi befake izicelo zokuxhaswa”, kuphetha uNksz. Mnqayi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.