U-DJ Zinhle Umangaze Umyeni Wakhe Ngemoto Kanokusho Egubha Olokuzalwa
U-DJ Zinhle umangaze abaningi ethengela isithandwa sakhe uBongani ‘Mordah Bongz’ Mahosana imoto kanokusho ngesikhathi sigubha iminyaka engamashumi amathathu nesikhombisa (37) yokuzalwa ngomhlaka-9 Nhlangulana. Laba bobabili bebegubha usuku luka-Morda Bongz lokuzalwa benabangani babo ngesikhathi u-DJ Zinhle edonsa umyeni wakhe ngesandla emusa eyadini elingemuva lapho ebepake khona imoto kanokusho abemthengele yona.
Uhlulwe nawukukhuluma u-Morda Bongz ebona imoto ayithengelwe umkakhe. Ube esebonga abangani bakhe abameseke yonke leminyaka esendimeni yomculo, wase ebonga kakhulu isithandwa sakhe, u-DJ Zinhle.
U-Morda Bongz uke waba ilungu leqembu i-Black Motion eselahlakazeka.
Eminyakeni emibili edlule, ngesikhathi u-Zinhle egubha iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalolunye (39) u-Morda Bongz watshela abantu ababekhona ukuthi ukuhlangana no-DJ Zinhle kwayihlenga kanjani impilo yakhe futhi kwamvuselela kanjani ubuyena.
“Ngingayiqala kuphi ingxoxo esengibe naye ngedwa selokhu ngahlangana nawe? Angiqale ngokuthi wayihlenga impilo yami, wabuye wabasa ikloba lelangabi ngaphakathi kimi engangingazi ukuthi nginalo.
“Ngiyabonga ukuthi ube uwena, nokuyinto enganelisayo mina. Ngiyabonga ukuthi ube iqhawe empilweni yami futhi ungikhuthaze usuku nosuku. Ungowesifazane oyisimangaliso empilweni yami, uwumama, ungunkosikazi futhi uyisithandwa sami”, kusho u-Morda Bongz ngesikhathi u-DJ Zinhle egubha usuku lokuzalwa kwakhe emiyakeni emibili edlule.
Ngonyaka odlule u-Morda Bongz wenze isimanga ethengela u-DJ Zinhle indandatho yedayimane.