EzosaziwayoIzindaba

Umsakazi We-Metro FM Uzosakaza Uhlelo Lukamaskandi Ku-TV

Umsakazi we-Metro FM uMpumi ‘Msakazi’ Mlambo uzosakaza uhlelo lokuncintisana ngomculo kamaskandi ku-SABC 1 olubizwa ngokuthi uShuni Womhlaba. UMlambo wethulwe ngoLwesihlanu kanye nabanye azosebenzisana nabo kulolu hlelo azolusakaza nomsakazi woKhozi FM uMandla “Njinji” Magwaza.

UMpumi usakaza uhlelo oluthi Break Away olungena ngelesi-9 ekuseni kuya kwelesi-12 emini, phakathi nesonto noluthi The Encore olungena ngoMgqibelo phakathi kwele-12 emini nele-3 ntambama. UMandla wethula Ukhozi FM Top 20 ngoMgqibelo phakathi kwele-9 ekuseni nele-12 emini.

Lolu hlelo luzobe luhlunga abaculi abangamashumi amane (40) ezifundazweni zakuleli nasezinkundleni zokuxhamana. Inhloso yalo ukudala amathuba kubaculi bakamaskandi abasafufusa nabathanda ukuvelela kulo mculo.

UMpumi uthe ukholwa ukuthi lolu hlelo luzonika amaciko ithuba lokuveza amakhono awo futhi usize abantu ukuthi befeze amaphupho abo. “Ngizizwa ngihloniphekile ngokuba ingxenye yalolu hlelo uShuni Womhlaba. Izwe linenqwaba yabaculi abangaziwa kodwa abanamakhono amangalisayo adinga ukunikwa ithuba. Nginxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babuke futhi babe ingxenye yalolu hlelo. Sengijahe kabi ukuhlangana nabantu ezindaweni esizobe sizihambele nabazobe bengena ezinkundleni zokuxhumana”, kusho uMpumi.

Isithombe: Umfanekiso oveza isikhathi nosuku oluzoqala ngalo uhlelo uShuni Womhlaba oluzothulwa uMpumi Mlambo ku-SABC 1

UMandla uthe lolu hlelo luzobe luyisithebe sokubukisa ngezinhlobo ezihlukene zomculo wakuleli. “INingizimu Afrika iyizwe elinothe kakhulu kuzo zonke izingxenye zempilo. Uma kuziwa emculweni, ubuciko namasiko sihamba sodwa. Sikhiqiza umculo othandwa yonke indawo, owela ufike kwamanye amazwe nasemhlabeni wonke jikelele.

“Lolu hlelo luzoveza ikloba lamakhono omculo kamaskandi, umbhaqanga, isicathamiya, afro-pop nomunye umculo wesintu. Ngizizwa ngihloniphekile ukuba ingxenye yalolu hlelo”, kusho uMagwaza

Ngalo uLwesihlanu kuphinde kwamenyezelwa amajaji azobe ecubungula ikhono kulo mncintiswano okungo-Big Zulu, Sho Madjozi, Msaki kanye nenkakha emculweni kamaskandi uPhuzekhemisi.

Abakhiqizi balolu hlelo bathe banesiqiniseko ukuthi labaculi bazokwazi ukudlulisa ulwazi kwabazobe bencintisana kulo hlelo ulwazi abanalo kule ndima kuhlanganisa ukucula, ukunandisa kanye nokuhleleka njengomculi.

“Uhlelo luzobe lunothe ngamajaji asemnkantshubomvu emculweni futhi abambe iqhaza elikhulu ekuthuthukiseni umculo waseNingizimu Afrika, ahlonishwa nangezindodo.

“Isipiliyoni sabo sizosiza abancintisanayo ngokubakha njengabaculi nasohambeni lonke lomncintiswano”, kusho isitatimende.

Uhlelo uShuni Womhlaba luzoqala ukudlala ku-SABC 1 ngomhlaka-7 Ntulikazi 2024 phakathi kwehora lesi-6 nelesi-7 kusihlwa.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.