UMalema Ukhokhe Izindleko Zesibhedlela Zomculi Olimale Engozini
Sekuvele imibiko yokuthi umholi we-EFF uMnuz. Julius Malema ukhokhe izindleko zasesibhedlela zomculi odumile uLehlogonolo ‘Shebeshxt’ Chauke obe sengozini yemoto ngoMgqibelo. Le ngozi okulimale kuyo lomculi waseLimpopo, yathatha nomphefumulo wendodakazi yakhe eneminyaka eyisishiyagalolunye (9) yehle emgwaqeni u-R37 eduze kwe-Melters Mine khona eLimpopo.
I-BBC ibike ukuthi lomculi ubehamba nabantu abathathu ngesikhathi kwehla lengozi belibhekise emcimbini we-ANC, lapho okuvele kwashayisana mahlanze imoto abebehamba ngayo kanye neloli, yase iphenduka imoto abebehamba ngayo.
Ngokombiko wephephandaba eliphuma ngeSonto i-Sunday World u-Shebeshxt uke wahlala inqwaba yamahora enganakwe muntu esibhedlela ngenxa yokuthi akanayo i-medical aid.
‘U-Shebeshxt akanayo i-medical aid ngakho uphuthunyiswe esibhedlela sikahulumeni, nakhona okuthathe isikhathi eside ukuthi anakwe”, kusho umthombo okhulume nephephandaba.
Umthombo uqhubeke wachaza ukuthi kube sekushayelwa uMalema ucingo ukuze asize, nokuwuyena othe akaphuthunyiswe esibhedlela sabadla izambane likapondo ePolokwane. Uthembise ukuthi uzokhokhela zonke izindleko okulindeleke ukuthi zimbe eqolo.
“UMalema ube novalo lokuthi kungenzeka ashone engasizakalanga uShebeshxt wase eyalela ukuthi aphuthunyiswe e-Netcare Pholoso Hospital”, kusho umthombo.
Akusikhona okokuqala ukuthi lomculi abandakanyeke engozini yemoto. Lena eyenzeke ngoMgqibelo ibe nzima kakhulu njengoba kusabalele inqwaba yama-video ezinkundleni zokuxhumana lapho elele khona kubonakala ukuthi ulimele kanzima. Kulama-video kuphinde kuvele indodakazi yakhe ilele kabuhlungu phansi, sekuyenele.
Naphezu kobuhlungu bokulahlekelwa indodakazi yakhe lomculi uveze ukuthi nomlenze akasenawo ngenxa yale ngozi emehlele.