ULinda Sibiya Ufeze Iphupho Lika-Penny Ntuli
Akachithanga sikhathi uLinda ‘Mr Magic’ Sibiya owayewumsakazi woKhozi FM emuva kokuzwa umsakazi we-Jozi FM, u-Penny Ntuli ethi uyena manje umuntu omkhulu emsakazweni anesifiso sokuhlangana naye. ULinda ufike ezindlini zomsakazo i-Jozi FM ngoMsombuluko ekuseni ngesikhathi u-Penny esasakaza uhlelo lwakhe i-Mid Morning Chat olungena ngehora lesi-9 kuya kwelesi-12 emini phakathi nesonto.
Kwenzeka lokhu nje u-Penny ubebhale ekhasini lakhe lika-Facebook ngeSonto ebabaza indlela azizwa ngayo ngokuhlangana nabasakazi abenegama emsakazweni selokhu eqale uhambo lwakhe lokuba umsakazi.
“Ngila, ngeke umuntu abhale ngami ngingafiki”, kusho uLinda evula umlomo okokuqala ngqa kulolu hlelo. Utshele u-Penny ukuthi akalalanga izolo [ngeSonto] abantu bemfonela, bethi akazame ukubona u-Penny, uthe ufisa kabi ukuhlangana naye.
Lentokazi yaseThekwini ike yasebenza emsakazweni wakhona eThekwini, iGagasi FM kodwa yawulaxaza emuva kokungavumelani nomphathi wayo u-Ayanda Melansi ngemali engu-R2 800 okwakuthiwa izoyihola ngenyanga.
Phakathi kwabasakazi ababalile ukuthi ube nenhlanhla yokuhlangana nabo oTshatha Ngobe, Lucky Sefatsa, Vusi Letsoalo, Patric Bogatsu, Dudu Khoza, Ngizwe Mchunu, Collen Zondo, Felix Hlophe no Alex Mthiyane. Ube eseqhubeka eveza ukuthi kunomsakazi oyedwa alobizela ukuhlangana anaye okuwuLinda Sibiya. “..kodwa kunomuntu oyedwa engisenesifiso sokuhlangana naye, oqale yonke lento kimi kwi-Vuka Breakfast Show egijima noMfundisi Zondo. Ekhaya bekuyimpoqo ukulalela uSotobe. Ngikhuluma ngoLinda Sibiya. Ngifunde ngaye ukuthi umlomo unamandla, ngangize ngifike sekwedlule isikhathi esikoleni [ngoba] ngilinde kuphele i-motivation.
“Yabona masethi “It’s not over until God says it’s over”..bengiye ngizizwe ngingesabi lutho. Noma ngabe ukuphi Khathi, ngiyafisa ukuhlangana nawe”, kuqoga u-Penny.