UThinah Zungu ‘Uchazwe’ Isigebengu Esimengule Yonke Impahla Yasendlini
Umculi wokholo uThinah Zungu usebhale ekhasini lakhe lika-Facebook etusa esinye sezigebengu ezangena emzini wakhe oyisitezi oseNanda eThekwini zathatha yonke impahla yasendlini. Kuzokhumbuleka ukuthi abezindaba babike kakhulu ngesigameko esenzeke kuleli sonto sokungena kwezigebengu emzini kaThinah zashaqa zonke izimpahla ebezisendlini, zabashiya nebebekugqokile.
“Kulabafana ebebengene la ukhona lo engimfisela ukuthi ashintshe kodwa-ke njengoba sebengene la futhi bathinta izinto zami bazoshintsha kodwa kunalo mfo bafowethu owenze isiqiniseko ukuthi umthandazo wami uphendulwa ngaye”, kusho uThinah.
Uthe ngisho bengaboshwa laba kodwa yena engamkhokhela imali ye-bail ngoba uyena owahlenga impilo yakhe nomndeni wakhe.
“Lowa mfo ungenze ngawehlisa umoya njengoba ubelokhu engibiza ngoManzini uma ebuza izinto ukuthi zikephi. Lokho nje kukodwa kuwehlisile umoya wami. Anginendaba ukuthi ubethunyiwe noma ubone sebefikile ukuthi kuziwe kwami.. kodwa lowa mfo ubeyisigibengu esingichazile”, kusho uThinah.
Eqhubeka uThinah uthe lesigebengu sacela ukuba angakhohlwa ukusithandazela uma ethandaza ngoba asiyithandi into esiyenzayo.
Uthe okwammangaza kakhulu ukuthi lesigebengu saletha izingubo ezinhlanu lapho ababevalelwe khona ukuze bembathe. Uthe wabe esecela ukuthi simnikeze ama-passport abo ngoba bazowasebenzisa maduze, nebala sawalanda samnika, unkosikazi wakhe wacela amanzi samkhela, waphuza. Saphinde sanika unkosikazi wakhe ingubo yokugqoka ngoba wayengagqokile. Sabe sesilanda umakhalekhukhwini wendoadana yami sathi akawufihle, ngeshwa zawubona lezi ezinye izigebengu ezazihamba naso, zawuthatha. Okwamangaza kakhulu ukuthi kwathi sezihambile izigebengu bawuthola umakhalekhukhwini wendodana yakhe ubekwe phezu kwetafula.
“Okwenza ngibhale ngalento ukuthi ngabona uNkulunkulu eletha ukuthula esimeni, yebo ngiqinile ngokwemvelo kodwa lesi simo silukhulisile ukholo lwami”, kuphetha uThinah.
UThinah ebambisene nosomabhizinisi u-BI Phakathi bake bahlela umcimbi wokukoleka imali yokukhokhela izindleko zasesibhedlela lapho obekulashwa khona umculi obexinwe ukugula, uFikile Mlomo.