U-Proffesor Uthembisa Ukubuya Ngesivuthevuthe Emculweni
Umculi weKwaito UMkhonzeni ‘Proffesor’ Langa uzimisele ngokukhuza ibuya emculweni ngesivuthevuthe sengoma efuze ayenza ngo-2010 ethi Jezebel, eyanyakazisa izwe lonke. Sekuyisikhathi eside egcine ukukhipha umculo omusha u-Proffesor oke wajuxuzisa abantu ngezingoma zakhe ezithi Imoto, Lento, Fingerprints, Speaker nethi Unobenga.
Emuva kweminyaka eyishumi kungezwakali lutho ngaye, u-Proffesor uthi ngesikhathi ecwilile ubesazinika isikhathi sokuzifuna nokubuyisa amandla. “Ngisebenza nethimba elisha manje, sekuyisikhathi sokuzethula kabusha.
“Ngijabule ukuthi ngiyabuyela endimeni, akuzwakali ukuthi sengike nganyamalala. Sengijahile ukujabulisa abantu futhi”, kusho u-Proffesor.
“Njengomuntu oyiciko, lesikhathi nginyamelele kusho ukuthi bese ngingenzi lokhu engangizalelwe ukukwenza. Noma kunjalo, yize bengingabonakali kodwa akhona amasu ebengiwakha azongisiza njengoba sengibuyile”, kusho yena.
Ngaphambi kokuthi agqame emculweni u-Proffesor uqale wacula neqembu elalihlanganise abafowabo, kuhlanganisa no-Character naye owazakhela igama lakhe emculweni weKwaito ngengoma yakhe ethi Ex-ongasolveki. Emuva kwalokho ube esehlangana no-Tzozo abagqame kakhulu naye, benandisa nasezindaweni eziningi ezweni lonke.
“Into engiyikhumbula kakhulu ukuthi ngenze lokhu enginamandla okukwenza njengeciko. Ngizibona ngincisheke ithuba isikhathi eside. Ngiyathanda ukunandisa nokuxhumana nabalandeli bami e-stage.
“Ngesikhathi ngisanyamalele ngithole ithuba lokubona ukuthi abantu baseNingizimu Afrika banekhono elimangalisayo. Bakwaze ukuqhamuka nezinhlobo zomculo ezenze kwamina ngakwazi ukubuyela endimeni.
“Ngikholwa ukuthi ukube akuzange kube nezinhlobo ezintsha futhi ezisunguliwe zomculo ngabe angizange ngikwazi ukubuyela kulendima. Ugqozi amaciko ethu analo ngomculo lungigqugquzele ukuthi ngikwazi ukuzakha kabusha futhi ngikwazi ukwenza umculo oyingxubevangi yeKwaito, Gqom ne-Piano”, kusho u-Proffesor.
Lo mculi oneminyaka engamashumi amane nesithupha (46) usanda kukhipha i-single ayenze noNhlanhla Mafu wodumo lweMafikizolo.
“Ukuhlangana kwami noNhlanhla kufike ngesikhathi esikahle ngilambele ukwenza into yamehlo emculweni. Ngihlanganise umsindo ebengiwenza kudala nowamanje, wafika uNhlanhla nomlingo wakhe wawufaka impilo”, kusho u-Proffesor.
Uthe ngalomsebenzi ufisa ukubusisa abantu ngesipho asiphiwe uNkulunkulu.