Imibono

Inhlekelele Eyehlele Abantu BasoThongathi eKZN Idinga Kubanjiswane, Besizwe

[INGUYAZANE YOMHLELI]: Ibuhlungu into esiyibone yenzeka ngoMsombuluko ezindaweni eziningi KwaZulu-Natali nase-Eastern Cape. Lemvula ebinkulu ihambisana nomoya onamandla ishiye kukhalwa kulezi ndawo. Umonakalo omkhulu wenzeke oThongathi lapho okusuke khona isishingishane esinamandla saphephula inqwaba yemizi yabantu. Abantu abaningi kuleya ndawo engaphansi kukamasipala waseThekwini, KwaZulu-Natali basele dengwane, abanalutho.

Kunomngani wami ohlala khona oThongathi engike ngakhathazeka ngizama ukumthola ocingweni ngoMsombuluko nangoLwesibili engatholakali, nokho ngigcine ngimthola ngoLwesithathu. Mayechaza isimo esenzeke laphana kuyadabukisa.

Sithemba ukuthi uhulumeni nezinye izinhlangano zepolitiki nezomphakathi bazongenelela ukusiza lababantu.

Emuva kwesonto kuphothuliwe ukubalwa kwemiphumela yokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe kuleli, namanje akucaci ukuthi kuphethwa ngokuthini. Amaqembu asalokhu ehlangana ehlukana ngoba likho elikwaze ukunqoba ngo-51% kuzwelonke nasesifundazweni KwaZulu-Natali.

Uma uzilandela izindaba uzokwazi ukuthi KwaZulu-Natali iqembu elithole amavoti amaningi i-MK Party, nokho okungayenzi umakhonya ngoba ayizuzanga inani elingayenza umaqhuzu, kudinga ukuthi isebenzisane namanye amanye. Kusengenzeka futhi amanye amaqembu ahlangane odwa ayikhiphe, abuse ngohulumeni wokubambisana (coalition government).

Kuleli sonto sizwe i-ANC ethole amavoti amaningi kuzwelonke iphakamisa ukuthi kube nohulumeni wobumbano (Government of National Unity – GNU), nokungasho ukuthi amanye amaqembu njenge-DA, MK Party, EFF, IFP ne PA singawabona ephethe uhulumeni, abelana izikhundla. Nokho amaqembu afana ne-DA ne-EFF awafunani futhi iqembu ngalinye lithi alifuni ukungena kulohulumeni ophakanyiswayo uma kukhona elinye.

I-IFP yona ikhiphe isitatimende yathi izolinda uhlelo olulandelwa i-MK Party njengoba ifake udaba lwayo enkantolo yokhetho ngoba ithi ayinelisekile ngomphumela wokhetho. Asazi kuzogcina kuhambe kanjani.

Usamkhumbula uSenzo ku-Generations? Yake yaba undabamlonyeni i-Generations ngaleso sikhathi, yena uSenzo ejola no-Jackson. Abantu bebehlezi bekhuluma ngawo lomdlalo. Indawo kaSenzo yayidlalwa uThami Mngqolo eka-Jackson idlalwa uZolisa Xaluva.

Sekunesikhathi eside uMngqolo enyamalele kumabonakude, muva kuvele izindaba zokuthi ubokala emdlalweni omusha othi Code 13 osanda kudlala kuMzansi Magic. Lomdlalo uboniswa njalo ngeSonto ngehora lesishiyagalombili (20:00) ebusuku.

Iqondana kabi lento kamhlonishwa uZizi Kodwa obengungqongqoshe wezemidlalo, ubuciko namasiko kuleli, kuthi kusahlelwa indaba yokwakha uhulumeni nakhuya yena ugqigqa izinkantolo. Lo mhlonishwa ubevele enkantolo e-Palm Rigde Magistrate Court ngoLwesithathu ngecala lokuthi wathola intshontsho lika-R1.7 million kwinkampani eyayithole umsebenzi kuhulumeni waseGoli. Omunye umhlonishwa obevele enkantolo i-Pretoria Magistrate Court uNkk. Nosiviwe Maphisa-Nqakula obengusomlomo wephalamende, yena-ke uboshelwe ukuthola intshontsho lika-R4 million kwinkampani eyathola ithenda emnyangweni wezokuvikela ngesikhathi esengungqongqoshe wawo.

UKodwa ugcine esulile esikhundleni sakhe kuhulumeni.

Sesiziphetha ezaleli sonto, abantu basamangazwe ukuzicelela ukubulawa kuka-Thabo Bester obevele enkantolo i-Free State Magistrate Court ngoLwesithathu. U-Bester uboshelwe uxhaxha lwamacala ahlangisa ukudlwengula abesifazane ayebaheha ku-Facebook, ukukhwabanisa imali, ukweqa ejele i-Mangaung Correctional Centre ngo-2022 kanye nokushushumbisa izidumbu.

Ngesikhathi enikwa ithuba lokuzikhulumela uthe lukhulu usizi abhekene nalo njengoba eboshiwe, uyacela inkantolo ukuba inike umphakathi ithuba wenze i-petition yokuthi anikwe isigwebo sentambo, nokho loluhlobo lwesigwebo alusekho eNingizimu Afrika.

Isithombe: UThabo Bester enza isethulo enkantolo i-Free State Magistrate Court ngoLwesithathu

Ilezi esithi zihambe phambili kuMKHAYA kuleli sonto, siphinde sihlangane ngelizayo.

*Ungaxhumana nathi ku-Whatsapp [0640179872] noma ku-email ethi: editor.umkhaya@gmail.com

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.