Ujabulise Abazali Nomphakathi Wangakubo Oshayele I-Pirates Igoli Kowe-Nedbank
Umdlali oshayele i-Orlando Pirates igoli emdlalweni wamanqamu we-Nedbank Cup obuseMbombela Stadium ngoMgqibelo, uRelebohile Mofokeng akajabulisanga nje abazali bakhe kuphela kodwa ujabulise nomphakathi wonke wangakubo e-Sedibeng eGoli. Kulo mdlalo i-Pirates inqobe ngamagoli amabili kwelilodwa (2-1).
Ubuqhawe bukaMofokeng busize iqembu lezimnyama lanqoba indebe yesibili kule-season ka-2023/24. Abazali bakhe bebesenkundleni bezozibonela mathupha indodana yabo iziqophela umlando wayo ngokushaya igoli emdlalweni obalulekile ebholeni lakuleli.
Kunyakaze inkundla yonke emuva kokuba lomdlali osemncane esebhakuzise inethi.
Ekhuluma nabezindaba ubaba kaMofokeng uthe uyaziqhenya kakhulu ngegoli elishawe indodana yakhe ngoba ilona elicacise ukuthi lomdlalo unqotshwa iliphi iqembu. Ubaba kaMofokeng naye oke walidlala ibhola uthe impumelelo yendodana yakhe iwumphumela wokusebenza kanzima nokuzikhandla.

Isithombe: Abazali bakaRelebohile Mofokeng, uSechaba no-Naomi Mofokeng
UMofokeng ungomunye wabadlali abadlala kahle kakhulu kwezimnyama. Iminyakazo yakhe isililekelele kakhulu iqembu noma ngabe uwuqalile umdlalo noma engene phakathi.
Ukuzimisela kwakhe sekumtholele indawo eqenjini lesizwe lakuleli iBafana Bafana elizodlala umdlalo wokuhlungela i-World Cup ne-Nigeria neZimbabwe. Umqeqeshi weqembu lesizwe kuleli u-Hugo Bross uthe lomdlali unekusasa elihle ebholeni.
“Njengabazali bakhe [uMofokeng] sijabule kakhulu futhi siyaziqhenya ngaye. Besilokhu simeseka kusukela eemncane, esadlala obhuqwini eSedibeng. Sizoqhubeka simeseke futhi simeluleke aze afeze amaphupho akhe. Ngesikhathi simbuka edlala ngoMgqibelo sasithokoze kakhulu, sasithokoza simbona ejika amadoda amadala. Sifuna ukuphinde sibonge umphakathi waseSedibeng ngemiyalezo abebeseka ngayo indodana yethu, sithokoze kakhulu ngokuthi bayameseka”, kusho ubaba kaMofokeng.
UMofokeng uqale ukudlala ibhola egijima eqenjini langakubo lama-amateur, i-Caleb Academy. Leli qembu like lanqoba imidlalo ka-under 13 eyayihlelwe umdlali owayegijima kuBafana Bafana, u-Augustine Makalakalane. Lemidlalo yayise-Goerge Thabe Stadium lapho iqembu likaMofokeng lanqoba kwi-Nale Academy emdlalweni wamanqamu.
UMakalakalane uphawulile naye ngalo mdlali wamncoma ngokuthatha isinqumo sokudlalela i-Pirates. Uthe lomdlali unekhono elimangalisayo okufanele linakekelwe kahle. “Ngiyazi usendaweni enhle lapho ekhona, u-Jose Riveiro uyakwazi ukusebenzisa abadlali ezindaweni ezibafanele.
“Kubalulekile ukuthi abantu base Sedibeng bameseke uMofokeng futhi bamsize akhule njengomdlali. Lo mfana unekhono elingavamile ukuthi ukutholakala eNingizimu Afrika kulezinsuku, isiphiwo esimangalisayo lesi esidinga ukuqashwa kuzo zonke izingxenye zempilo kusuka kwimfundo, ezezimali nezinye”, kuphetha uMakalakalane.