Ubufakazi Bakamuva Ecaleni LikaMeyiwa Buphazamisa ‘Impilo’ Ka Kelly Khumalo
Njengoba sekuvela ubufakazi obumfaka shi u-Kelly Khumalo ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa, kubukeka sengathi lokhu kuphazamisa izinhlelo zakhe eziningi. Lokhu kuhlanganisa nokukhanselwa kwemicimbi eminingi abesemenywe kuyona.
Icala likaMeyiwa liqhubeka enkantolo i-Pretoria High Court. Lo nozinti obebuye avimbele iBafana Bafana wabulawa esemzini wakubo kwentombi yakhe u-Kelly e-Vosloorus eSoweto ngo-2014.
Njengoba liqhubeka lelicala umndeni nomphakathi bafuna ukubona ubulungiswa benzeka futhi kujeza kanzima bonke abathintekayo ekufeni kukaMeyiwa. Iziko lezindaba elibika ngezobumnandi iZimoja lithole ukuthi uKelly uselahlekelwe inqwaba yemicimbi abemenywe kuyona kodwa esikhanseliwe ngenxa yobufakazi bakamuva obuvela enkantolo, obumyamanisa nabasolwa kuleli cala. Kuthiwa abahleli bemicimbi sebemadolo nzima ukuzihlanganisa nalomculi njengoba esevele njengongqondongqondo ekubulaweni kukaMeyiwa.
Phambilini ofakazi abake bethula ubufakazi kuleli cala baveze ukuthi azikho izinto ezathathwa endlini ngelanga okwabulawa ngalo uMeyiwa, okudweba isithombe sokuthi kwakunetulo elalihleliwe lokubulala uMeyiwa kuphela.
Njengamanje kumshubele uKelly njengoba ubufakazi obethulwe kwizitatimende enzenziwe umsolwa wokuqala uMuzi Sibiya nomsolwa wesibili uBongani Ntanzi bukhomba yena [uKelly] njengomhleli wezigameko ezaholela ekubulaweni kwesoka lakhe ekhaya lakubo.
Ubufakazi kwalabasolwa bobabili bemukelwe iJaji Ratha Mokgoathleng njengobungasetshenziswa inkantolo. Laba batshela inkantolo ukuthi uKelly wabakhokhela imali engu-100 000 ukuze bebulale umuntu .
Kuleli sonto kunobufakazi obethulwe isazi sobuxhakaxhaka bomakhalekhukhwini kwa-Vodacom, u-Pinky Vythilingam obuveza ukuthi kuningi ukuxhumana okwaba phakathi kwenombolo yocingo ka-Kelly nezinombolo zabasolwa. Okushaqise abaningi ukuvela kobufakazi obuthi ngesikhashana nje kusanda kubulawa uMeyiwa, kwenziwa i-sim swap yenombolo kaSenzo. Ebufakazini obuke bethulwa enkantolo phambilini kuvele ukuthi umazisi kaMeyiwa wawuku-Kelly ngesikhathi ebulawa [uMeyiwa].
Umthombo okhulume neZimoja uthe: “Emuva kokulalela ubufakazi obuqhubeka enkantolo, abahleli bemicimbi bamanqika ukuzihlanganisa naye ngoba bayazi ukuthi kusho ukuthini ukuba kulesigaba leli cala elikuso enkantolo. Eminye imicimbi abesemenywe kuyona isikhanseliwe ngenxa yalokhu.
“Bengimenywe ukunandisa emcimbini owodwa naye kodwa ngimangele mangithola ukuthi yena ngeke esaba khona ngoba isivumelwane sakhe nabahleli sesikhanselwe ngomzuzu wokugcina”, kusho umthombo.
Nakuba leli cala limbeka endaweni embi u-Kelly kodwa uzama konke angakwenza ukuhlanza igama lakhe futhi akababalekele abezindaba kanye nomphakathi. Usanda kubhala ekhasini lakhe ku-Instagram ebonga abalandeli bakhe ngokumeseka yize ebhekene nezinkinga ezisukela kuleli cala likaMeyiwa.
Abalandeli bakhe bamthembise ukuthi basazomeseka ngoba umculo wakhe usaqhubeka nokubathokozisa futhi ubamba iqhaza elibalulekile ekubakhuthazeni empilweni.