ABANTUIzindaba

U-Zakes Bantwini Uzogubha Iminyaka Engama-20 Esemculweni Ngekhonsathi

Umculi odabuka eThekwini, uZakhele ‘Zakes Bantwini’ Madida usememezele ukuthi uzokwenza ikhonsathi lomculo yokugubha iminyaka engamashumi amabili esendimeni yomculo.

Lo mculi oneminyaka engamashumi amane nantathu (43) ukhiphe inqwaba yezingoma ebezijuxuzisa abantu ezindaweni zobumnandi ezinjenge Osama, Mama Thula nezinye.

Ungomunye wabaculi bakuleli asebeke bahlomula nge-Grammy Award. Kubaculi bakuleli asebehlomule ngalomklomelo okuhlonishwa ngawo abaculi emhlabeni singabala o-Black Coffee, Tyla, Soweto Gospel Choir, Wouter Kellerman & Ricky Key, Ladysmith Black Mambazo, Johnny Clegg and Savuka nabanye.

U-Zakes Bantwini uhlomule i-Grammy Award ngo-2023 ngengoma ethi Bayethe ayenze Wouter Kellerman no Nomcebo Zikode.

Kulonyaka uzobe eqeda iminyaka engamashumi amabili esendimeni yezomculo. Umemezele lokhu ekhasini lakhe lika-Instagram ukuthi ufuna ukugubha impumelelo yakhe ngekhonsathi enkulu yomculo ngoba ufuna ukuthi abalandeli abamesekile yonke leminyaka babe ingxenye.

“Lonyaka ungokhethekile kimina, sekuyiminyaka engamashumi amabili yohambo olumangalisayo. Ngihlulwa nawukulinda ukugubha loluhambo nani ekhaya, eThekwini’, kusho uZakes Bantwini.

Ikhonsathi ka-Zakes Bantwini yokugubha iminyaka engamashumi amabili yomculo ibizwa nge-20th Anniversary in Music – A milestone celebration of Music. izoba ngoLwesihlanu mhlaka-5 Ntulikazi e-Durban ICC.

Isithombe: Umfanekiso otshengisa ukuthi ikhonsathi ka-Zakes Bantwini izoba nini futhi kuphi

Phakathi kwabaculi okulindelekele ukuthi banandise kule khonsathi o-Mi Casa, Kelvin momo, Young Stunna, Major LeagueDJZ, Sjava nabanye abaningi. Naye uZakes Bantwini uzonandisa kulomcimbi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.