Akucatshangelwe Amaciko Ngongqongqoshe Ozoqonda Izinselelo Zawo
[INJOBO ITHUNGELWA EBANDLA]: Awukho umnyango onebhadi njengalo wezemidlalo, ubuciko namasiko. Zonke izehluleki zilahlwa la. Zolo lokhu kade sixakwe nguNathi Mthethwa neqeqebana lakhe, ebebezitamuzela imali bengenandaba namaciko.
Akekho ungqongoshe wezemidlalo, ubuciko namasiko kuzwelonke olambise waphinde wahlukumeza amaciko njengoMthethwa.
Ngingasho ukuthi uphume esikhundleni ngoba sekuthanda yena. Phela bese kukudala amaciko emcela ukuba ashenxe kodwa engafuni.
Naye uMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa ubengezwa mshini ngoMthethwa.
Ngiyakhumbula amaciko ekhala kuyena uRamaphosa, emcela ukuba asuse uMthethwa esikhundleni ngoba akawasizi ngalutho. URamaphosa wavele wabaziba, waphuma kubona.
Uthe mayephuma kwangena uZizi Kodwa.
Ngiyayikhumbula injabulo nezilokotho ezinhle ezazibhekiswe kuyona le nsizwa mhla ifakwa esikhundleni.
Akuphelanga nyanga zingaki naye kwacaca ukuthi uyehluleka.
UZizi uyefana ke nozakwabo, uMthwethwa noFikile Mbalula, bonke bebande ngomlomo kodwa behluleka ukugcina izethembiso zabo.
Ngonyaka odlule UZizi uthe akumele umhleli womcimbi axhaswe iminyaka ilandelana.
Wathi akukwazi ukuthi umhleli womcimbi angalokhu exhaswa ngemali njalo nje kuze kuphele iminyaka emihlanu ukuya kweyishumi, wathi kumele adedele abanye.
Kodwa akubanga khona ukulandelela kuleyo nkulumo yakhe.
Ngikhuluma nawe nje, kunabahleli bemicimbi abanesiqiniseko sokuthi minyaka yonke bazoluthola uxhaso kuhulumeni.
Ziyajika ke manje izinto, kuzongena umuntu omusha sha kulesiya sikhundla.
Sengathi bekungafakwa umuntu owuqonda kangcono lo mnyango wamaciko nezemidlalo. Umuntu onomdlandla futhi ozosondela kumaciko hhayi osaziwayo.
Sengathi kungaba ngumuntu oke wabasendimeni yezemidlalo, ubuciko namasiko, noma oke wasebenza nawo amaciko emazingeni ahlukene.
Lo mnyango usumosheke kakhulu, usudinga abanikazi bawo, hhayi abantu abalahlwayo.
Umuntu ozongena sengathi ubengaqala akhuculule wonke lama vununu agcwele emnyangweni bese edlulela nasezifundazweni.
Wena ubungafaka bani kulesi sikhundla?
*UZama Nteyi uyintatheli ezimele ungamlandela ekhasini lakhe lika-Facebook [Zamanteyi Nteyi]