Izindaba

Kuhlelwa Inkonzo Yokukhulekela UZanele Mbokazi

Abalandeli, izihlobo nabangani bomsakazi woKhozi FM, ophinde abe usomabhizini uZanele Mbokazi bahlele ukubamba inkonzo yokumkhulekela e-Sandton Assembles of God Church eGoli ngoLwesihlanu. UZanele ungene esibhedlela ngenyanga edlule enenkinga yokushelwa izwi futhi enqanyukelwa umoya esezindlini zomsakazo eThekwini.

“UZanele uxinwe ukugula kusukela ngeSonto lomhlaka-21 Ndasa. Uhlulekile ukwenza uhlelo waze wabanjelwa uzakwabo, uThokozani MaMkhize Ndlovu. Ubezwa ubuhlungu obunzima kodwa waba ngcono ngoLwesihlanu mhlaka-26 Ndasa, Ukwaze nokuthi abe ingxenye yomcimbi obuseMgungundlovu. Kuthe esebuyela emsebenzini ngeSonto ukugula kwaqala phansi kodwa ngenhlanhla wakwazi ukwenza uhlelo aluqede”, kusho uNonjabulo Mdluli ongumphathi wezokwazisa kwinkampani kaZanele.

“UZanele uyidla kahle imishanguzo ayithola esibhedlela futhi isimo sakhe siya siba ngcono. Sinxusa abantu ukuthi baqhubeke bamkhulekele”, kunaba uNonjabulo.

Emuva kokufakwa esibhedlela futhi ahlinzwe uZanele kwatholakala ukuthi unondlavuza wamaphaphu.

“Emuva kokuthi ehloliwe uZanele, odokotela bathola ukuthi une-cancer yamaphaphu. Ilokho okwatholwa odokotela”, kusho u-Bishop Mpendulo Nkambulo, etshela abalaleli boKhozi FM.

Kuthe emavikini amabili edlule kwezwakala ukuthi uZanele uphumile esibhedlela. Kodwa muva nje kuvela izindaba zokuthi kumxinile ukugula.

Omunye wabahleli balomcimbi ungunkosikazi womculi wokholo, uSoso Maholwana. “Akulona uhambo olulula, uma ngingasho. Uyayidinga imithandazo yethu.

“Uyazi ukuthi uzinikele kanjani ekusizeni umphakathi. Kungani kufanele singabi khona ngesikhathi neya esidinga? Ingakho siqale lomsebenzi. No-Bishop Nkambule ushilo ukuthi uZanele udinga umkhuleko”, kusho uMaholwana.

Kubantu abadumile abazobe beyingxenye yomkhuleko oMfundisi Benjamin Dube, Sipho Makhabane, Solly Mahlangu no Rebecca Malope. Kulindeleke ukuthi umsakazi we-Metro FM, uThami Ngubeni abe uzobe ephethe uhlelo.

UNonjabulo uthe umphakathi wamkelekile ukuba ingxenye yalomkhuleko, ozoqala ngehora lesine (16:00) ntambama. Okunye akushilo ukuthi kungenzeka ukuthi naye uZanele abekhona kulo mkhuleko uma engaxinekile kakhulu.

“Sithemba ukuthi uzoba ingxenye kodwa koncika ekutheni uzizwa kanjani. Ukuthi uzobuyela nini emsebenzini, asikunakile kakhulu lokho, okwamanje sigxile ekutheni alulame”, kusho uNonjabulo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.