Kuboshelwe Izinkakha Zodwa Emgubheni Wokuzalwa Kuka Sbo Fokol WoKhozi FM
Umdidiyeli wezinhlelo emsakazweni wesiZulu Ukhozi FM, uSbonakaliso ‘Sbo Fokol’ Sithole ugubha usuku lokuzalwa ngomhlaka-8 Nhlangulana ngomcimbi omkhulu osekuwunyaka wesibili ewenza ose-Louis Cafe e-Cosmo City eGoli lapho kuzonandisa khona inqwaba yabaculi nosaziwayo abavelele emculweni nakwezikaqedisizungu eNingizimu Afrika. Lo mcimbi uhlelwa inkampani yakhe i-Fede Fokol Entertainment.

Isithombe: Umfanekiso otshengisa uhlu losaziwayo abazonandisa emcimbini kaSbo Fokol
USbo F okuyigama aziwa ngalo emculweni ungumdidiyeli wohlelo olungena phakathi nezinsuku, phakathi kwehora lesithathu nelesithupha ntambama kuKhozi FM, i-Woza Nabangani Bakho olwenziwa uKhathide ‘Tshathugodo’ Ngobe no-Selbyonce Mkhize. Lolu hlelo olulalelwa kakhulu emisakazweni yakwa-SABC seluhlabene ngenqwaba yezindondo ngaphansi kweso lakhe uSbo F, kuhlanganisa nama-Telkom Radio Awards. Uphinde adidiyele uhlelo olungena ngoMgqibelo ntambama i-Namba Namba 2.0 olwenziwa uLee Hlophe, oludlala umculo we-hiphop. Kuloluya hlelo kunesigamu lapho okudlalwa kuso umculo wabaculi abafufusayo, ngenhloso yokuthi baziwe.
USbo Fokol ugubha usuku lwakhe lokuzalwa nje, usanda kukhipha i-single ethi Ngizule ayenza no-Tryaqeed no-Deezil Spigadoro, kanti yona ididiyelwe u-Tryaqeed.
Lo mdidiyeli wezinhlelo ongomunye wasebehlale isikhathi eside kuKhozi FM uzalwe ngo-1988, Ophathwe, eMachunwini, KwaZulu-Natali. Ngesikhathi ezalwa unina ubeneminyaka eyishumi nesithupha (16) kanti ungowokuqala kwabo. Ngesikhathi enengxoxo nobengumsakazi woKhozi FM, uSbu Buthelezi ohlelweni Indumiso watshela abalaleli ukuthi ukhule azi ukuthi umuntu ongumama wakhe ugogo wakhe ngoba odadewabo bakanina nomalume bebembiza ngomama, naye wakhula azi ukuthi umuntu ongumama kuleli khaya ugogo.
Echaze kulolu hlelo uthe uke wavelelwa inhlanhla angayazi empilweni ethathwa umuntu abengamazi owuSanele Ngcamu emfaka ngaphansi kwekhwapha lwakhe emenzela yonke into. “Mangingakutshela, ngisho ukushayela imoto ngakufundiswa ilowamuntu ngezimoto zakhe”, kusho uSbo F.
Kuthe efunda ibanga lesishiyagalombili (grade 8) wazizwa engenwa uthando lokulalela kakhulu umsakazo. “Ngangithanda ukulalela uhlelo lukaKhetha ‘KSG’ Gwala oluthi Zakhala Izingcingo olwalungena ngezimpelasonto ntambama. Nganginokushaya ucingo ngishiye umyalezo, ngicela ukudlalelwa izingoma kodwa ezami izingoma azizange zidlalwe kulo, nemiyalezo yami yayingafundwa nhlobo”, kusho uSbo F.
Eqhubeka echaza uthe nakuba yayingadlalwa eyakhe imiyalezo kodwa lokho akumqedanga amandla okulalela lolu hlelo njengoba wayemthanda ngendlela emangalisayo uKhetha Gwala.
“Kuhambe isikhathi Ukhozi FM lwethula abantu abazodidiyela izinhlelo, ngezwa abantu abafana noMandla ‘NJinji’ Magwaza, nokuyilapho engabona khona ukuthi nanku-ke umsebenzi engingawenza emsakazweni.
“Ukuba umsakazi wezinhlelo kunengcindezi yokuthi abalaleli kunendlela nempilo abalindele nabafuna ukuthi uyiphile ngoba njalo uhlale usemehlweni abo kanti lena yokuba ngemuva ayikhulumisi”, kulandisa uSbo Fokol.
Ngokubona ukuthi kufanele abe nezicucu ukuze akwazi ukuthola kalula umsebenzi awufisayo ube esenza izifundo ezihambelana nomsakazo kanye nokudidiyela wagcina ethola iziqu ze-diploma kwi-media studies and engineering kanye ne-sound engineering. Emuva kwalokho uvolontiye kwiThathe FM ese-Orange Farm eGoli naku-Soweto TV lapho asebenze khona izinyanga eziyisithupha.
UNGENE KANJANI KUKHOZI FM?
Echaza uSbo F uthe akubanga lula ukungena kulo msakazo. “Ngiyazi ukuthi abantu abaningi bazi ukuthi kunabantu engangibazi kuKhozi FM kanti ayikho into enjalo”, kusho yena.
“Ngesikhathi ngisekwi-Soweto TV ngangivame ukuthi mangiphuma khona ngiye e-SABC ngiyozama ukuthola ukuthi ngingenza njani ukuze ngibe ingxenye yemsakazo Ukhozi FM. Ngelinye ilanga ngaba nenhlanhla ngathola ubaba u-Joe Hudla ngakhuluma naye, wathi angixhumane no-Elisa Mlaba owayesebenza ehhovisi lokuqasha nokuqeqesha. Nebala nganikela kuyena, wathi into abangangisiza ngayo ukungilekelela ngoqeqesho lwezinyanga ezintathu okuyothi emuva kwalokho bese sehlukana”, kuchaza uSbo F.
‘Ngelinye ilanga ngifike emsakazweni ngatholana noGugu Yengwa obedidiyela olunye lwezinhlelo kanti kuzophela izinsukwana abandakanyeke engozini yemoto. Obephethe izinhlelo ngaleso sikhathi wathi angibambele yena uGugu”, kusho uSbo F othe indlela yakhe ayibange isabuyela emuva kusuka lapho.
USbo F usedidiyele izinhlelo eziningi kuKhozi FM njengoba eseke wasebenza noDudu Khoza ohlelweni oluthi Jabul’ Ujule waphinde wadidiyela obelungena emini i-Ndiza Nathi Flight 12-3 obelwenziwa uSbu Buthelezi phakathi nezinsuku.
Uthe ayikho into eke yamphatha kabi empilweni njengokushona kukagogo wakhe ozala unina. “Ngabona impilo iphela, ngaphelelwa ithemba. Ukuthi njengoba kuwuyena muntu obengithanda lona ubani omunye osazongithanda.
“Yazi ngake ngafikelwa umuzwa wokuzibulala ngoba ngangibona sekuphelile ngami kodwa ngabuye ngacabanga ukuthi senginabantwana, uma ngizibulala bazosale babe yini?” kusho uSbo F.
Phakathi kosaziwayo abazohambela umcimbi wokuzalwa kwakhe kukhona oGantsheni,Musiholiq, Lady D, Mnqobi Yazo, Zakwe, Malungelo, Khuzani, Linda Sibiya, Mthunzi, Big zulu, DJ Zinhle, Dladla Mshunqisi, Penny Ntuli nabanye abaningi.