EZOKUVAKASHAIzindaba

IMandeni Iyisizinda Sezokuvakasha Esifanele Wonke Umuntu

Nakuba kuyindawo esenamathuba amaningi okuthuthuka kodwa kwamanje kuningi ongathi mawuseMandeni ukuthokozele emkhakheni wezokuvakasha kusuka emlandweni wasendulo, ubuhle bemvelo nasemidlalweni enhlobonhlobo eyenzeka kule ndawo ephakathi kwamadolobha amabili amakhulu eThekwini nase-Richards Bay.

Omunye wake wangibuza ukuthi kusho ukuthini khona ukuthi Mandeni? Kuningi okushiwoyo ngokuqambeka kwaleli gama, abanye bathi kulendawo bekunezihlahla eziningi ze ‘munde’ okwagcina sekuqanjwa ngazo igama lendawo. Abanye bathi lihlangene nokuthi eduze kwayo lendawo kugudla umfula uThukela ngakho indawo eseduze kwamanzi, ‘eManzini’,

Kunencazelo ethi ngesikhathi kunempi ngo-1838 eyagudla umfula uThukela phakathi kwabamhlophe ababesuka e-Port Natal ngaphansi kobuholi bo-John Cane no Robert Bigger belwa nempi kaDingani, kanye nempi eyaba ngo-1856 phakathi kwamadodana kaMpande uCetshwayo no Mbuyazi ayebanga isihlalo sobukhosi, kwafa abantu abaningi kulezo zimpi. Kwabe sekuqanjwa indawo kwathiwa kuse ‘Mandeni’, okungelinye igama elichaza amathuna noma amaliba. Abantu abaningi bangcwatshwa laphaya kulendawo esibizwa ngeManda Farm mawugudla umfula uThukela ngasedolobheni eMandeni.

Eminyakeni edlule umasipala waseMandeni uke wakha umuzi wenkosi uCetshwayo ngenhloso yokuthuthukisa ezokuvakasha noma kungekho okucacayo ukuthi kwagcina kwenzakaleni ngolowomsebenzi.

Isithombe: Inkosi uCetshwayo

Umlando usitshela ukuthi kuthe ngomhlaka-11 Zibandlela 1878 abelungu abamhlophe baye banqumela izinduna zikaCetshwayo ugwayi katiki befuna ukuthatha umhlaba kaZulu. Lokhu kwenzeke ezingxoxweni ebezingaphansi kwesihlahla so ‘Mdlebe’ esesibizwa nge-Ultimatum tree osebeni lomfula uThukela. Esinye sezigameko lesi esiwumlando esenzeke endaweni yaseMandeni nesiholele ekuqaleni kwezimpi nokuphoselwa inselelo kombuso wakwaZulu ngomhlaka-22 Masingana 1879 okwakubizwa nge-Anglo-Zulu War.

Inkosi uCetshwayo ebone ilanga mhlaka-8 Nhlolanja 1826, inyathele ezindaweni eziningi eMandeni njengoba naseNdulinde ike yanqamula. Ngesikhathi sempi i-Anglo-Zulu War ibiwumkhuzi wamabutho kaZulu. Kunetshe ebihlala kulo iphumule eselaqanjwa kwathiwa Itshe likaCetshwayo.

Kunesibaya sikaNandi khona laphaya eLangeni ngaphansi kwenkosi uMhlongo.

Kune-mosque yebandla lama-muslim ese-Tugela nayo engavakashelwa abathanda ukufunda kabanzi ngalenkolo kanye ne-Swedish mission ekhona nayo eningizimu yoThukela.

Kuyancomeka ukuthi umasipala usohlelweni lokwakha isibaya samabutho abamba impi yaseNdondakusuka ‘eNdondakusuka Military Kraal’ ezofundisa ngomlando ngokuhlanganiswa kwamabutho kanye nendlela yokuphila yabantu abamnyama abangamaZulu. Lolu hlelo lufaka phakathi ukunakekelwa kwesihlahla so ‘Mdlebe’ – Ultimatum Tree, isiqiwu i-Fort Pearson nendawo ebizwa manje nge-war graves elaphaya phezulu oThukela nezinye izikhungo zobuciko namasiko.

Zikhona ezinye iziqiwu zabakwa-Ezemvelo KZN Wildlife ezigcine izilwane ezingaphansi kukamasipala waseMandeni okuyiMatikulu, Harold Johnson neNgwenya Nature Reserves ezandisa amathuba okuvakashelwa kwendawo. Ezinye zale zindawo zihlinzeka ngendawo yokulala, izindawo zokutetemuka eziqiwini ubuka izilwane ezihlukene njengezinyoni nezilwane ezinkulu kanye nokwenza imicimbi yaseqeleni.

IMICIMBI EHEHA IZIVAKASHI NABATHANDI BOBUMNANDI

Unyaka nonyaka eMandeni kuba nemicimbi eheha abantu bamazinga ehlukene lapho umuntu ezikhethela akuthandayo. Kunomcimbi obizwa ngeDokodweni Beach Festival oba minyaka yonke osungena onyakeni wesine manje. Miningi imidlalo ehambisana nalomcimbi oletha abaculi nosaziwayo abehlukene eMandeni ngesikhathi samaholidi kaZibandlela minyaka yonke.

Kune-Raft Race eqale eTugela ngo-1965 nebinkulu ukuwedlula onke akhona eNingizimu Afrika. Ibibalwa nemidlalo ehamba phambili yokuncebeleka kuleli. Abebeyihambela bebeqala ukuntwenza ngezikebhe enhla komfula uThukela ize iyophela e-Tugela Mouth Beach. Nokho ike yathi ukuma ngenxa yombango wendawo ebiyenzelwa kuyo. Umasipala waseMandeni usuyithuthele eDokodweni njengoba isibizwa nge-Dokodweni Lagoon Raft Race lapho igudla umfula Amatikulu ize iphelele eDokodweni Lagoon.

Isithombe: Abaholi bakamasipala waseMandeni begibele isikebhe kwethulwa iDokodweni Lagoon Raft Race

Kuyo yonke lemicimbi ungathokozela umculo, ukushwibeka ngeziklebhe, ukudla neminye imidlalo ehlukene.

Laphaya elokishini laseSundumbili ku-ward 15 kunendawo yokubhukuda evuleleke kuwona onke amalungu omphakathi.

Kunomcimbi oba minyaka yonke elokishini eSundumbili ngoZibandlela iMandeni Street Shutdown ohlelwa ngomunye wo-DJ abahamba phambili kuleya ndawo u-DJ Bitso.

IZINDAWO ZOKUPHUMULA

Uma usuhambele yonke le micimbi ebalwe ngenhla kunezindawo ongaphumula uphinde ulale kuzona ngokunethezeka, ube uthokozela umsindo wemvelo yezinyoni.

Izindawo zokulala nokudla ungazithola eTugela Mouth Resort, e-AMS Ark Royal, Labotes Caravan Park, Ntombenhle’s Ocean View, Phezulu Thina Self-Catering nase Driftswood Charlets.

Ngase-Fort Pearson ungaphumula e-Senla Zimbili TVU Resort kanti eDokodweni ungaphumula uphinde ulale e-The Hatcherty ihhotela eyi-3 star Hotel.

Kukhona i-Lalanathi ku-Begonia road, Karabo Guest House ku-Mpunzi road, The Plover and Breakfast eku-Plover crescent nezinye izindawo eziningi.

*Olunye ulwazi kulolu daba lutholakale kwi-website kamasipala waseMandeni

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.