EzosaziwayoIzindaba

ULwah Ndlunkulu Nomphathi Wakhe Bachitha Eyokumithisana

Umphathi kaLwah Ndlunkulu u-Will Dlamini usewabize ngamampunge amahemuhemu okuthi lomculo we-pop uzithwele. Ezinkundleni zokuxhumana kusabalele izindaba ezithi uLwah umithiswe umuntu oshadile, futhi asebenzisana naye emculweni.

U-Will ukhulume kafushane wathi izinja zikhonkotha imoto ehambayo. “Siwazwile lawomahemuhemu ngesikhathi kuqhubeka ama-Metro FM Music Awards ukuthi uLwah ulindele umntwana, kahlahla ubechwenswa kuthiwa ukhuluphele nje ingoba umithi”, kusho u-Will.

Yonke into isohlelweni. ULwah usesimeni esikahle. Angeke sigxile kuLwah kuphela ngoba nakhu unesangoma eshisa izikhotha okwamanje, sinabanye abaculi esibhekene nomsebenzi wokubanaka. Abantu bohlale bekhuluma futhi ngeke siphendule yonke into abayikhulumayo ngoba uma singenza lokho singagcina siphuma kulokhu esifuna ukukwenza eNkabi Nation”, kusho u-Will.

U-Will uqhubeke wathi lamahemuhemu angeke aze aliphazamise igama lika Lwah, konke nje kuhamba kahle.

“Uyaqashwa ngapha nangapha. Kumanje ulungiselela ukukhipha i-single ayenza no Buselaphi. Simatasa kakhulu, asinaso isikhathi sokunaka izinto ezingamahemuhemu”, kusho u-Will.

ULwah wodumo lwengoma ethi Paris ayenza noMthandeni SK ungowokudabuka eHluhluwe enhla nesifundazwe iKwaZulu-Natali, kanti igama lakhe langempela uLwandile Mtshali. Uqale ukungenwa uthando lomculo eseneminyaka eyisikhombisa (7).

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.