Imibono

Masiwuqaphele Umona Uyafukuzisana

Ngikubingelele Mfundi weNgosi yethu yabaNqobi. Ufunda lomyalezo nje ngoba kakade unguMnqobi.
Namuhla ngithi ake sixwayisane sixwayise nalabo abasondelene nathi ngokuthi siqaphele umona.
Ngike ngabona imizi eminingi ihlukana phakathi ngenxa yomona. Ngibonile omakhelwane, abangani, abasebenzi, osopolitiki,izithandani, osomabhizinisi nabanye abantu abaningi bengasahoshelani ngenxa yomona.

Mubi umona ngoba nezidumbu ziyaphuma ngenxa yawo. Umona ufukuzisana kakhulu. Isikhathi esiningi umona ubangwa ukunganeliseki, ukuziqhathanisa, kanye nobuwula. Umona unomthelela omubi kumuntu ngoba udala inhliziyo embi, ubutha, inhlebo kanti futhi kuyenzeka ugcine ungakutholi konke osuke ukufisa ngenxa yokuthi inhliziyo yakho igcwele yonke indawo. Abanye abantu kawubangi lutho nabo kodwa balawulwa umona. Banengwa ukuthi uyazama, uyageza, uyaphila futhi awuliphonsi kalula ithawula. Abantu abanomona bamenyanya kabi umuntu ophumelelayo.


Kuyenzeka nalo ophumelelayo abe nomona. Umthole esenokuzithwala nokubukela phansi abanye abantu. Umona ungakwenza unike abantu imiyalelo okungeyiyo ngoba ufuna bengaphumeleli noma izinto zabo zihambe kancane. Kunabantu abalawulwa umona ngendlela yokuthi nento elula uvele akutshele ukuthi inzima ungayizami noma akudikibalise ngamazwi akhe. Uma sekungene yena sengathi engavala kungabe kusangena muntu. Umuntu uyaba nomona ngisho ekudleni, eziphuzweni, nasebudlelwaneni nje nabantu.


Masiwuqaphele umona sizwe sakithi. Umona uyafukuzisana. Umona uyathakathisana. Umona uyabulalisa.
Sonke sinawo umona kepha umehluko kithi sonke indlela esikwazi ukulawula ngayo umona wethu. Uzibe umona wakho. Funda ukulawula umona wakho. Phansi ngomona! Phansi ngomhobholo! Phansi ngobuxoki! UBuntu abande ebantwini.
Ungaziqhathanisi nabantu. Gijima ibanga lakho yethemba ukuthi nakuwe kuzolunga ngesikhathi esifaneleyo. Ungaziqhathanisi nabantu lokho kuzokulimaza emoyeni. Zethembe uzithande. Geza ubemuhle. Ungalugqoki usizi lwakho.


Ncoma abaphumelelayo uzitshele ukuthi nakuwe kuzolunga. Khumbula ukuthi amabanga namazinga wethu awafani, ungadukiswa abantu abaya lapho ongayi khona. Izinselelo zethu azifani, futhi izithunywa nemisamo yethu akufani. Yemukela. Yethemba. Phokophela. Phumelela.

Kuze kube ngokuzayo. Inkosi ikugcine ifezekise amaphupho akho amahle.

Boni Mahlinza

Entrepreneur, Author & Motivational Speaker

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.