Izindaba

“Angibulawe, Iphele Lento” – Thabo Bester

NgoLwesithathu inkantolo i-Bloemfontein Magistrate Court iphenduke indawo yomunyu ngesikhathi isiboshwa esigqunywe ngoxhaxha lwamacala, uThabo Bester sizikhalela emantshini, nokwenze abaningi bakhumbula inkondlo yombhali wesiZulu, u-JC Dlamini ethi ‘Nada Ngidedele Ngife’. UBester unikezwe ithuba lokwenza esakhe isethulo phambi kwenkantolo ebigcwele phama, nalapho ebeke khona usizi lwakhe nezinselelo abhekene nazo njengoba eboshiwe.

U-Bester kuleli cala uboshwe nesithandwa sakhe UDkt. Nandipha Magudumane nabanye abayisikhombisa.

NgoNhlaba 2022 u-Bester weqe ejele i-Mangaung Correctional Centre emuva kokuba kushe igumbi abehlala kulo. Kwenziwe sengathi ushe waze wafa, kwase kuthathwa isidumbu ‘mbumbulu’ okuthiwe esakhe sayiswa emakhazeni angaphandle kwaleli jele. Konke lokhu bekwenzelwa ukudukisa abantu, njengoba emuva kwalokho kuvelile ukuthi kwakusetshenziswa izidumbu zabantu abehlukene ukwenza lamacala. U-Bester ushushumbiswe wayocasha endaweni engaziwa, waze wabanjwa e-Arusha eTanzania ngoNdasa 2023.

Echazela imantshi u-Bester uthe ubona ukuthi kunokugxambukela kwepolitiki kuleli cala lakhe futhi indlela aphethwe ngayo yena ihlukile kunabanye ababoshwe njengaye kulelizwe.

“Okokuqala nje unabezindaba asebekhulume ngami yonke into abayithandayo ngaphandle kobuqiniso, ngokwabantu senginecala kodwa akekho owazi iqiniso langempela. Kwaziwa ukuthi ngiwumdlwenguli nombulali kodwa abukho ubufakazi balokho”, kusho u-Bester.

Eqhubeka echaza uthe akasiso isiboshwa esinzima ukuzedlula zonke ezikulelizwe futhi amacala akhe awamabi ngaleyo ndlela. “Ngibekwe amacala amathathu nje kuphela kodwa sekunehaba nje elingenasidingo. Lokhu kudalwa ukuthi skufakwe ipolitiki kulento nezinto zami zangasese ezingaphathelene necala. Ngibone ukuthi kufanele kube khona engikushoyo okunye, sengiphetha angiboni ukuthi kunobulungiswa ukuthi labantu okuthiwa ngiboshwe nabo babe lana enkantolo ngibe ngazi ukuthi abenze lutho.Babengekho kuyo yonke lento okukhulunywa ngayo lana”, kusho u-Bester.

Utshele inkantolo ukuthi ukweqa kwakhe ejele kwenziwa abantu abanezikhundla ezinkulu kwipolitiki. “Abantu abavikelwa ithimba eliphenya lelicala bakhulu futhi bangabantu abaziwayo, futhi nginobufakazi obuqanda ikhanda okuqinisekisa lokho. Akuvelanga nje kwasuka unogada wakwa-G4S wanquma ukungidedela ngalelo langa. Ngeke kwenzeke lokho ngaphandle kokuba nokusondelana nabasemandleni kwipolitiki. Ngike ngazihlalela ngaphandle kwaseNingizimu Afrika, ngiziphilela impilo yami unyaka wonke futhi angikaze ngihlukumeze muntu”, kusho u-Bester.

Uchazele inkantolo ukuthi imibandela abekelwe yona ingahlula ngisho usathane. Ube esecela ukuthi kuvunyelwe umphakathi ukuba wenze i-petition yokuba anqunywe kube kanye, kuphele ngaye.

“Uma seyenziwe le-petition ngeke ngichithe sikhathi, ngizovumelana nayo iphele lento. Ngilethwe izimoto ezingama-80, ngivuke ngehora lesibili ekuseni. Selokhu ngikitanyelwe umlibe ngamaketanga ezinyaweni. Izinyawo zami seziyabanda manje, angisakwazi ngisho ukuzwa ukuthi nginezinyawo. Akusiyo indlela engifisa ukuphila ngayo lena, Nkosi yenkantolo. Uma kumele lenkantolo iyamukele indaba ye-petition futhi umphakathi uyisayina, kobe kuphelile. Ngizothola ukuthula. Ngiyakwazi engikwenzile nengingakwenzanga”, kulandisa u-Bester ngomunyu.

U-Bester ufike enkantolo egqoke econsa, evathe nebhantshi elinsundu lelebuli ephambili.

Kwezinye izinto akhale ngazo ngesikhathi eqhubeka echazela imantshi usizi lwakhe uthe abameli bakuleli abasafuni ukuzihlanganisa naye.

“Sekunzima ngisho ukuthola ummeli kuleli. Into abayenzayo bayavuma ukungimela kodwa bebuye bezihlangule ngoba besaba ukuthi abezindaba bazobalandela bese kulimala umsebenzi wabo. Sekube nabameli abahlanu abangitshele emehlweni ukuthi bengathanda ukungisiza ngasese ngoba abafuni ukubonakala ukuthi basebenzisana nami. Besho njalo besaba ukuthi bazohlaselwa abezindaba futhi umbuso ngeke usabanika umsebenzi”, kusho yena u-Bester.

U-Bester uzophindela enkantolo ngomhlaka-24 Ntulikazi ukunika ithuba abameli abasha ukuthi bazijwayeze nemininingwane yecala. U-Bester kulindeleke ukuthi afike nethimba elisha labameli ngalolu suku. Njengamanje ugcinwe endaweni egadwe ngeso lokhozi ejele iKgosi Mampuru.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.