Izindaba

Kusuke Isidumo Kuphaphama Obesekuphele Amahora Amabili ‘Eshonile’

Kusuke isidumo emakhazeni akwa-Love Funeral Services e-Lincon e-United States (US), ngesikhathi umsebenzi ebona kunyakaza isidumbu sowesifazane obese kuphele amahora amabili kuthiwe ushonile. I-CNN ibike ukuthi lona wesifazane igama lakhe okungu-Constance Glantz’s ubehlala ekhaya labantu asebegula kakhulu i-Mulbery Home ese-Waverly.

Iphoyisa elingu-Sheriff omkhulu esiteshini samaphoyisa edolobheni i-Lancaster lithe ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi useshonile u-Constance oneminyaka engamashumi ayisikhombisa nane (74), akekho umuntu obenezinsolo ezehlukile. Ukufa kwakhe bekuyinto ebisilindelekile ngenxa yokugula kwakhe obese kuthathe isikhathi eside.

“UDokotela wenhliziyo ubeseke wambona ezinsukwini eziyisikhombisa ngaphambi kokushona kwakhe,futhi ubezimisele ukusayina isitifiketi sokufa ngenxa yokwamukela ukuthi ushone sekufike isikhathi sakhe vele, akukho okusolisayo”, kusho iphoyisa.

Kuthiwa umuntu mayeshone ngendlela okwenzeke ngayo ku-Constance alukho uphenyo nokuhlolwa okwenziwayo esidunjini futhi amaphoyisa awadingeki.

Kuthe izikhathi ziko-09:44 ekuseni, kwacaca ukuthi ushonile, kwagcwaliswa onke amaphepha afanele, kwafika abantu ababili bezolanda isidumbu ukuze siye emakhazeni. Kuthiwa sesikubangcwabi isidumbu nakhona abasibonile bathe impela ubesethule u-Constance. Sekumele nabo benze izinhlelo zakhona.

Kunomsebenzi ogcine esele yedwa emakhazeni okuwuyena obone isimanga angakaze asibone. Bese kuphele amahora amabili nemizuzu eyela emashumini amabili nanhlanu (25) kusukela isidumbu sifikile ngesikhathi umsebenzi esibona siphefumula.

“Akachithanga sikhathi ufonele abe-911”, kusho iphoyisa. Leli phoyisa lithe akukho elingakubiza ngobugebengu kulesigameko.

Abezimo eziphuthumayo bamfice ephila u-Constance ngabo-11:45. “Uthathwe waphuthunyiswa esibhedlela esiseduze, ephila enjalo, ayijwayelekile lento”, kusho iphoyisa.

Kuthe ngabo-16:00 ntambama umoya wakhe waphuma okokugcina. Kuphinde kwathiwa ushonile futhi. Emuva kwalokho kwenziwe konke okwenziwa kumuntu mayeshonile ukuze kube nesiqiniseko. “Umndeni ka-Constance wazisiwe ngakho konke okwenzekile, namaphoyisa enza uphenyo, kwavakashelwa nekhaya labantu abagulayo abeshonele kulo ekuqaleni”, kusho iphoyisa.

“Okwamanje akukho esingakubiza ngobugebengu okwenziwe ikhaya labagulayo, kodwa uphenyo luyaqhubeka. Ngineqiniso ukuthi bonke abantu bazoqaphela manje, nekhaya leli abehlala kulona u-Constance lizoshintsha indlela elenza ngayo izinto”. kusho iphoyisa.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.