EzosaziwayoIzindaba

Owaduma Edlala Indawo Yesitabane Ku-Generations Ubuyela Ku-TV

Umlingisi owaduma eminyakeni edlule edlala indawo kaSenzo, owayeyisitabane ku-Generations eyayiboniswa ku-SABC 1 ubuyela kumabonakude ngomdlalo osanda kubonakala kuMzansi Magic i-Code 13. UThami Mngqolo sekunesikhathi eside egcine ukubonakala ezindaweni zomphakathi, abanye besebeze bacabanga ukuthi kuphelile ngaye. Nokho yena uthi ubelokhu ekhona kwezemidlalo yomoya kodwa esebenza kwezokukhiqiza.

UMngqolo utshele iziko lezindaba zobumnandi iZimoja ukuthi ujabule ngokuphinde athole ithuba lokuvela kumabonakude emuva kwesikhathi eside abantu bengasamboni. “Akukhona ukuthi bengihleli nje, kodwa uyazi ukuthi abantu uma bengasakuboni baba nokuthi awusenzi lutho. Bengilokhu ngimatasa, bengiphila nje”, kusho uMngqolo.

Lo mlingisi oneminyaka engamashumi amane nambili (42) ayaziwa amagalelo akhe esalingisa indawo kaSenzo ku-Generations. Kule ndawo wayesebudlelwaneni bezothando nomunye wesilisa u-Zolisa Xaluva. Abantu babekhuluma kakhulu ngabo nokwakutshengisa ukuthi yena nozakwabo bayayinemba. Nokho uphumele obala ngokuthi ukunyamalala kwakhe akusiyo into ebimphethe kahle kodwa uyalijabulela ithuba alitholayo.

Ukhale kakhulu ngemali encane ekhokhelwa abalingisi ngoba kugcina abanye sebengena ezinkingeni zokhwantalala bezama ukuhlangabezana nezidingo zempilo ezinkulu. “Udumo luza nezinto ezinkulu. Kwesinye isikhathi ulindeleke ukuthi uphile ngendlela ethile kodwa uthole ukuthi isimo sakho sangempela singokunye ngoba imali ayilingene nodumo lwakho. Nokho mina angizange ngibe nalelo lishwa”, kusho yena.

Akucacanga kahle ukuthi ku-Code 13 uzodlala yiphi indawo kodwa umdlalo wona ulandela impilo ka-Bheki Ndlovu owumseshi odumile futhi ongabhenyelwa nsangu eGoli. Indawo kaNdlovu ilingiswa uZolisa Xaluva.

Ngaphandle kokubonakala ku-Generations, uMngqolo onabantwana ababili useke walingisa emidlalweni i-Saints and Sinners, iGazi, State Enemy No.1, Payback ne Greed and Desire. Uke wahlabana ngomklomelo ku-SAFTA Awards kanti futhi uke waba yinxusa lenkampani ephisa iziphuzo ezihlahlamisa umziba i-Passion Beverages.

UMngqolo uke waba sebudlelwaneni bezothando nomlingisi u-Jo-Anne Reyneke nokho asebahlukana naye. Emuva kokuba esengabonakali kumabonakude uMngqolo kuqale izinkinga ebudlelwaneni bakhe no-Reyneke ngoba imali beyingasangeni. Kulandele ukuthi bexabane kanzima, bagcina sebevumelana ngokuthi babuqede ubudlelwane babo obese buneminyaka eyisishiyagalombili kodwa beqhubeke nokubambisana ekukhuliseni abantwana.

Isithombe: UThami Mngqolo no Jo-Anne Reyneke ngesikhathi besazwana

I-Code 13 eqale ukubonakala kumabonakude ngomhlaka-14 Ndasa 2024 idlala njalo ngeSonto ngehora lesishiyagalombili (20:00) ebusuku.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.