Kuxwayiswa Ngobungozi Bokuphuza Kakhulu Utshwala Ezinganeni
UDkt. Nomcebo Mthembu ekhuluma emsakazweni Ukhozi FM ngoLwesibili ohlelweni lukaDudu Khoza iJabul’ Ujule udalule ubungozi izingane ezingena kubo ngenxa yokuphuziswa noma ukuphuza utshwala zisencane. Ezinye zezinto athe izingane eziphuza utshwala ziba nenkinga yazo; ukulinyalelwa umqondo, ukuba nezifo eziphathelene nocansi kanye nesibindi nenhliziyo.
Lokhu kungaphazamisa izingane esikoleni, zizithole ziziphatha ngendlela engajwayelekile bese ziba nezinkinga zezifo ezingaphatha umuntu impilo yakhe yonke nasebudaleni bakhe. Kwesinye isikhathi omunye angazithola ondile ezicubeni zomzimba ngenxa yokuthi kusuke sebushise ingxenye enkulu yezicubu zomzimba.
Enye ingozi akhulume ngayo uDkt. Mthembu ukuba nenkinga yokuthi kube ngathi ungakuphuza njalo utshwala. Lokhu uthe kudalwa ukuthi umzimba usuke usukwejwayele utshwala, sengathi bungengephele egazini, okuyinto eyingozi njengoba umuntu usuke eselawulwa ikhona.
“Ukuphuza umthamo omningi katshwala futhi kwenziwa njalo kowesilisa nowesifazane kungaba nomthelela omubi enkonzweni yasekameleni futhi kudale ukuba ntekenteke kwabantwana abazalwayo”, kusho uDkt. Mthembu.
Ngokombiko we-National Health and Medical Research Council (NHMRC) oku-website ethi-www.healthywa.wa.gov.au utshwala akuyona into okungathiwa izingane aziyiphuze kancane kodwa kufanele zingakuqali kwakuqala.
Lo mbiko uveza ukuthi izingane ezineminyaka engaphansi kweyishumi nanhlanu (15) zisengozini enkulu yokungenwa izinkinga ezihambelana nokuphuza utshwala, kuleminyaka kukhuthazwa ukuthi zibuzibe makungenzeka.
Izingane eziseminyakeni ephakathi kweyishumi nanhlanu (15) kanye neyishumi nesikhombisa (17) kukhuthazwa ukuthi zike zithi ukubambezela isikhathi ekuphuzeni ngokweqile.
Umbiko we-NHMRC uveza ukuthi ukuphuza kakhulu eminyakeni yobungane kungathinta kabi umqondo womuntu ngokweqile futhi kuphazamise ukukhula kahle kwawo. Lokhu kungaholela ezinkingeni zokuhluleka ukukhumbula izinto, ukufunda kuphinde kunyuse izinkinga eziningi ezidalwa utshwala.
Utshwala buyinto engalungile ezinganeni kangangokuthi kungadala isimo sengcindezi okungaphazamisa uhlelo lonke lomzimba, kudale nokuthi umqondo usebenze ngokunyonyoba. Lokhu kungaholela ekutheni;
•Kushintshe indlela umuntu aphimisela ngayo amagama
•Kuphazamiseke ukucabanga
•Kube nenkinga yokubona
•Kube nenkinga yokuthatha izinqumo
•Ahlulwe ukuthathela izinto phezulu ngisho ezibalulekile
•Angahleleki
•Kube nobunzima ekulaleni
Noma utshwala bugxekwa ezinganeni ezisencane kodwa akwaziwa ukuthi umthamo onganani ongadala zonke lezinkinga ezibalwe ngenxa yalokho kukhuthazwa ukuthi izingane ezineminyaka engaphansi kweshumi nesishiyagalombili (18) zingasondeli nje eduze kwakho.
*Ngezinkinga eziphathelene notshwala kungashayelwa inombolo ye-South African National Council on Alcoholism and Drug Dependence (SANCA) ethi: 011 892 3829 noma kungenwe ku-Whatsapp kwethi: 076 535 1701. Inombolo ka-Whatsapp ka-Dkt Nomcebo Mthembu ithi: 061 462 2955