EzosaziwayoIzindaba

Kube Indaba Egudwini Enyela Iqakala U-Sophie Ndaba

Kudingeke ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela uSophie Ndaba ongumlingisi nosomabhizinisi wakuleli odumile emuva kokunyela eqakaleni ngempelasonto. Ufake isithombe sakhe esesibhedlela ku-Instagram, echaza ukuthi ulimale kanjani.

“Ngiye ekhaya ngiphuthuma ukuyogqoka ingubo, ngishibilikile ngabhinyilika iqakala, kwaba ukunyela kwami njalo”, kusho uSophie.

USophie ulimala nje ubephuthuma ukuyodlala igalofu nabangani bakhe, abebemlindile. “Ngilimazwe ukuthi umqondo wami ubungekho kulokhu ebengikwenza, khona obekubusa ingqondo yami.

“Kumele abantu beqaphele ukuthi yini abayigcina emqondweni isikhathi eside, kungaba ingozi”, kusho yena.

Mayechaza uthi nakuba elimele kodwa uthokozile ukuthi uNkulunkulu khona abezama ukumxwayisa ngakho ngokuvuma ukuthi alimale. “Ezinye izimo azifikeli ukuqeda ngawe kodwa zifikela ukukuxwayisa ukuthi uthi ukwehlisa kancane ijubane, kanti ezinye zifikela ukuthi ukwazi ukuhlela impilo yakho kabusha”, kusho uSophie.

“Uma ngibuka yonke lento yokuhlinzwa kwami nokufakwa insimbi eqakaleni, kuyangibonisa ukuthi ngempela impilo iwuhambo. Ngikhethe ukuthi nakho ngingakuthathi kancane ngoba mangibheka lapho engiphuma ngizibuza ukuthi kazi kusho ukuthini ukuphukelwa iqakala?

“Ngisaphila, ngisakwazi ukujabula, kuningi nje engingakubonga empilweni. Ngifuna ukuthatha lelithuba ngibonge uNkulunkulu ngoba bekungenzeka okukhulu kakhulu’, kusho uSophie.

Ubonge abasebenzi basesibhedlela kusukela kodokotela, abahlengikazi nabanye ngokumnakekela. Uqhubeke wathi kuzodingeka ukuthi afake ukhokhonkolo amasonto ayisithupha (6) kodwa uzoya ekhaya maduze atotobele ngakhona.

“Zonke izindawo engimenywe ukuthi ngikhulume kuzona ngizofika, kodwa ngizokhuluma ngihlezi.

“Usathane kanamandla, akukho akuzamayo okuzophumelela. UNkulunkulu ufuna kube imina odlulisa lomyalezo kubantu bakhe”, kuphetha uSophie.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.