Izindaba

UMakhadzi Uqokwe Nezinye Izingwazi Zakuleli Kuma-BET Awards

Umculi wakuleli ongowokuzalwa eLimpopo uNdivhunzannyi ‘Makhadzi’ Ralivhona uyaqhubeka nokuhlala endaweni ephakeme endimeni yomculo njengoba eqokwe kuma-BET Awards ka-2024. Lomculi odume ngemidanso yakhe ehlanyisa izihlwele uma enandisa uqokwe emkhakheni we-Viewer’s Choice: Best New Internationa Act. Abanye aqokwe nabo kulomkhakha o-Seyi Vubes, Bellah, Cristale Duquesa, Holly G, Jungeli, Oruam no Tyler ICU wodumo lwengoma ethi Mnike.

Kunabanye abaculi baseNingizimu Afrika abaqokiwe kweminye imikhakha. U-Focalist uqokwe no-Tyla oke wanqoba i-Grammy Award emkhakheni we-Best International Act. U-Tyla uphinde waqokwa emikhakheni ehlukene njenge-Best New Artist, Best Female Pop/R&B ne-Viewer’s Choice.

U-Tyla ubhale ekhasini lika-Instagram ezwakalisa ukujabula ngokuqokwa kulemikhakha, anethemba lokuthi uzoyinqoba.

UMakhadzi ucele abantu ukuthi bemsize anqobe kuma-BET Awards. “Kusukela ekudayiseni ama-CD emgwaqeni kuya ekuqokelweni kuma-BET. Ngicela nibe kanye nami ekujabuleleni ukuqokwa kuma-BET emkhakheni we-Viewer’s Choice: Best New International Act. UNkulunkulu sengathi angasisiza sibuye nayo ekhaya le-award“,

Lama-award alindwe ngabomvu azoba se-California ngoNtulikazi.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com