Kuhlehle Impi Ka-Mike Tyson Emuva Kokuxinwa Ukugula
Umshayisibhakela osewathatha umhlalaphansi u-Mike Tyson uzilungiselela impi azoyilwa no-Jake Paul wodumo lwama-video ku-YouTube, nokho osekuvele izindaba zokuthi ihlehlile ngenxa yokuxinwa ukugula. Izindaba zokugula kwakhe zimenyezelwe odokotela bakhe ngoLwesihlanu.
Kudingeke ukuthi axilongwe esendizeni ebisuka e-Miami iya e-Los Angeles ngeSonto emuva kokuba ekhale ngokucanuzela kwenhliziyo kanye nokunambuzela. Konke lokhu kwenzeka nje sekusele izinyanga ezimbili ukuba ngene ebhokisini, kule mpi yakhe elindelwe ngabomvu mhlaka-20 Ntulikazi. U-Tyson ugcine ukungena ebhokisini ngo-2005.
Abahleli bale mpi nabo benze esabo isitatimende bememezzela ukuthi bayazi ngesimo sempilo ka-Tyson futhi batsheliwe ukuthi lo mshayisibhakela ululekwe odokotela ukuthi angazikhandli kakhulu ngokujima kulama sonto alandelayo. Bathe batshelwe ukuthi u-Tyson uxilongwe odokotela ngoLwesine bathola ukuthi unenkinga enkulu yama-ulcer.
“Umyalelo awutholile u-Mike Tyson othi angazigqilazi ngokujima kulamasonto alandelayo, okuzothi emuva kwalokho bese ekwazi ukuqala ukuzingiselela impi yakhe futhi kuzobe sekungenambandela”, kusho isitatimende sabahleli.
“Bavumelene u-Tyson no Paul ukuthi kufanele bobabili baneliseke ngakho konke kuhlanganisa nesikhathi esanele sokuziqeqesha ngaphambi kwale mpi yabo ukuze beye kuyo beyimiqemane.
“Isimo sempilo yabashayisibhakela sisithathela phezulu ngakho siyameseka u-Tyson ekutheni aqinisekise ukuthi uyazinakekela ngokwezempilo ukuze kuthi kufika usuku lwempi ebe ewumqemane”, kwengenza abahleli.
Kulesitatimende kumenyezelwe ukuthi usuku olusha lwalempi luzomenyezelwa ngomhlaka-7 Nhlangulana kanti impi izovezwa bukhoma ku-Netflix.