Izindaba

Izigagayi Zifuna Ngodli Imali Kosomabhizinisi BaseSipingo

Iqembu lezigagayi lifuna ngodli imali kosomabhizinisi baseSipingo elithi eyokubavikela. Kuthiwa leli qembu limandla ezindaweni ezingama-plaza nama-malls lapho liphoqelela abamabhizinisi ukuthi bakhokhe imali kulo imali ukuze bavikeleke ebugebengwini nokunye okungaphazamisa umsebenzi wabo.

Nokho osomabhizinisi baseSipingo sebehlangene ukulwisana nalezigagayi osekuke kwakhalwa ngazo naseMlazi nakwamanye amadolobha.

Kubikwa ukuthi lezigagayi sezike zahlasela uSihlalo we-Isipingo Community Forum, u-Junaid Iqbal esitolo sakhe zamphoqa ukuthi esule kulesikhundla ngokushesha.

Mayechaza u-Iqbal ukuthi zafika esitolo sakhe zamtshela ukuthi akesule esikhundleni ngokuphazima kweso. “Bathi ibona asebezobhekana nomsebenzi wezokuphepha ezitolo zaseSipingo futhi bonke osomabhizinisi bazokhokha kuboba ukuze bebagadele amabhizinisi abo”, kusho u-Iqbal.

“Angisibonanga isidingo sokwenza lento ababeyisho. Eminyakeni edlule kuthu sixakwe ubugebengu lana eSipingo ssabiza umhlangano savumelana ngokuthi siqashe inkampani yonogada ezogada amabhizinisi ethu. Kusukela lapho, noma zibe khona izigameko ezincane ezenzakalayo kodwa, ubugebengu buthe ukwehla. Azikho izehlo ezinkulu zobugebengu noma izigameko ezibeka amabhizinisi ethu engcupheni”, kusho u-Iqbal.

Eqhubeka echaza u-Iqbal uthe ngesikhathi lezigagayi ziphuma esitolo sakhe wafonela amaphoyisa, aphenya. Kusukela lapho aziphindanga zabuya.

Osomabhizinisi abasebenzela edolobheni iSipingo babonge u-Iqbal ngokusheshe alusukumele lolu daba. Omunye usomabhizinisi waseSipingo u-Zain Jehtham onebhizinisi edolobheni eSipingo uthe izitolo zabo azinankinga futhi banezinhlelo zokuphepha ezisezingeni. Ibhizinisi lika-Jehtham selisebenzele eSipingo iminyaka engamashumi amane (40).

“Asikaze sibe nazinkinga ngaphandle nje kwezigameko ezingatheni lapha nalaphaya kodwa esikwazile ukubhekana nazo. Izitolo zethu ziphephile futhi ngakho asidingi ukusizwa ngezokuphepha”, kusho u-Jehtham.

Isipingo idolobha elinabantu abaningi bomdabu waseNdiya. Lingaphansi kukamasipala waseThekwini.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.