Izindaba

UZuluboy Ukhonjwa KwesikaNgqongqoshe E-KZN

Njengoba sekuqediwe ukubala amavoti esifundazweni KwaZulu-Natali sekuzokuqala ukubalwa kwezihlalo zamaqembu azongena esishayamthetho. Okwamanje KwaZulu-Natali kusahamba phambili i-MK Party ngamaphesenti angu-43.62. Uma kwenzeka leliqembu ligcina liphethe lizoba nongqongqoshe beminyango. Sekuvele amahlebezi athi umculi we-rap uMxolisi ‘Zuluboy’ Majozi angase anikezwe isikhundla sikangqongqoshe wezobuciko namasiko.

Uma lokhu kugcina kugcina kwenzeka kuyobe kuqopheke umlando njengoba kungakaze kwenzeke ukuthi umuntu owumculi abe ungqongqoshe womnyango kulesifundazwe. UZuluboy ubonakele ekhankasela leli qembu emkhakheni wezobuciko njengoba eze wasungula inhlangano yamaciko i-Umkhonto Wesizwe Creatiives, engaphansi kwalo. Abanye osaziwayo abebekhankasela leli qembu o-Fellix Hlophe, Khulu Skhenjana no Ernest Msibi.

“Sihlanganile singabaculi silwela udaba lokukotshelwa komsebenzi wethu njengoba siphusha i-Copyright Amendment Bill. Ngalowo mkhankaso siphusha i-MK Party ngoba sikholwa ukuthi iyona engasilwela kulokhu esikufunayo”, kusho uZuluboy.

Njengoba sekuqediwe ukubalwa kwamavoti sekucacile ukuthi i-MK Party izophatha isifundazwe ngokubambisana nelinye iqembu njengoba kulindeleke ukuthi ithole amaphesenti angaphansi kuka-51. Isifundazwe sakwa Zulu-Natali besiconselwa amathe amaqembu amaningi kulolu khetho. Uma kwenzeka iqembu liphatha kuzobe seyiqembu lesithathu ukuhola lesifundazwe. Inkatha Freedom Party kube iqembu lokuqala ukuphatha KwaZulu-Natali ngesikhathi kungena uhulumeni wentando yabantu ngo-1994. Kuthe ngo-2004 kwangena i-ANC, yona ephathe kwaze kwaba u-2024.

Odabeni lukaZuluboy, kuthiwa kuphushwa yena ukuthi abe ungqongqoshe womnyango wezobuciko namasiko ngoba umkhakha wezobuciko uwuqonda kangcono kunabanye. Umthombo okhulume neziko lezindaba uthe uZuluboy kuthiwa uyazazi izinselelo ezibhekene namaciko. “Uhleze njalo elwela amaciko, ngesikhathi ephumela obala eseka i-MK Party wayezifaka enkingeni ngoba amanye amaqembu abengeke esamqasha ukuthi azonandisa emicimbini yawo.

Umthombo uqhubeke wathi uZuluboy ube ngamanye amaciko ambalwa aphumele obala aseka i-MK Party, waba ilungu layo waphinde wayikhankasela obal kubuka izwe amanye amaciko esaba ukuzihlanganisa nayo.

Ebuzwa uZuluboy ngalokhu uthe akanawo amaningi ngoba kuzoba sengathi uyazikhankasela. “Kuyangimangaza lokho kodwa akukho engingakusho ngoba kuzoba sengathi ngiyazikhankasela”, kusho yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.