UZodwa Wabantu Uthi Usekhathele “Ukuxhashazwa” Abahluphekayo
Umdansi odume ngokubenuza ezindaweni zobumnadi uZodwa Wabantu uzwakalise ukuthi ayimphethe kahle indaba yabantu abasweleyo abahlezi befuna usizo kuyena ngoba nakhu bazi ukuthi unenhliziyo enhle futhi uyathanda ukusiza. Usho kanje ekhasini lakhe elisezinkundleni zokuxhumana ekhala ngokuthi uyaphoxeka ngendlela abantu abamxhaphaza ngayo.
“Abantu bengawathathi kabi ama-post ami, ukuthi nje abantu bayakhathaza, kakhulu mabazi ukuthi unenhliziyo enhle futhi uyathanda ukusiza lapho ongakwazi khona”, kusho uZodwa.
Kulo mbhalo uqhubeke wathi abantu abahluphekayo bazitshela ukuthi basile, usekhathele ibona besebenzisa ukulunga kwakhe.
“Uma ngipha kuba ukuthi lowo muntu kunendima ethile ayidlalile ukuthi ngifike lapho engikhona empilweni. Angiyena umuntu omubi noma olikhuni. Ukuthi nje abantu abahluphekayo uma beke bazi uwumuntu owusizo bayakuxhaphaza, kanti ugibe engingazimisele ukungena kulona lolo’, kusho lomdansi obuye abe isangoma.
“Ngingumama, kunabantu engibhekene nomsebenzi wokubondla njengawo wonke umuntu. Indaba yokusiza abantu abengeneli ngiyayehla, umuntu abuye ebuyile kuwe ekumunca konke onakho ukulungile lokho”, kusho yena.
Uthe ubhala lombhalo obala kanje ngoba uyazi ukuthi bakhona abanye abantu ababhekene nesimo esifana nesakhe. “Abantu abaningi bayayazi lento engehlelayo, yikho njt ukuthi bakhetha ukungigxeka bangibize ngamagama abawathandayo”, kuphetha uZodwa.