Ugwetshwe Udilikajele Umfundisi ‘Oyisigelekeqe’
NgoLwesine inkantolo ephakeme ePolokwane igwebe udilikajele umfundisi uNgwako Elvis Selowa Makhotoka webandla i-Jesus Christ Grace Ministries eKuranta Village eLimpopo. Lomfundisi oneminyaka engamashumi amathathu nanye (31) ugwetshwe ngamacala ehlukene okubalwa elokubulala, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, ukutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni nokuzama ukubalekela ingalo yomthetho ngokuphambanisa ubufakazi.
Kuthe ngomhlaka-7 Ncwaba 2021, uThabiso Lethube Masie nomngani wakhe bephuma ekhaya eShikiming Village eLimpopo bahlangana nommangalelwa nomngani wakhe befelwe imoto.
Bathembise ukubasiza. UMasie upake imoto yakhe walungela ukusiza, kodwa wathelwa ngentululwane yezinhlamvu ivela kulo mfundisi owadubula amahlandla amahlanu. UMasie wabe esephuthunyiswa esibhedlela kodwa wafela endleleni ngenxa yezinhlungu.
Enkantolo kuvele ukuthi lo mfundisi obuye abe usomabhizinisi ubazana vele nomufi kanti emuva kokudubula ubalekile. Ube eseyalela umngani wakhe ayemi naye ukuthi mayebuzwa amaphoyisa ukuthi ubenjani umuntu odubulile aphambanise, anganiki amaphoyisa isithombe sokubukeka kwakhe esiyiqiniso. Ngeshwa lakhe [umfundisi] kuhambe isikhathi umngani wakhe waba ufakazi wenkantolo.
Umngani kamfundisi utshele inkantolo ukuthi ngosuku okubulawe ngalo umufi ongumuntu wesifazane baqale bayothenga utshwala nomfundisi eshibhini eliseduze, babunkunka. Umfundisi wabe esemazisa ukuthi uphethe isibhamu futhi kunomsebenzi okumele bewenze.
Ngesikhathi iJaji Maake Kganyago likhipha isinqumo libalule ukuthi uMasie wabulawa umuntu ayemethembile. IJaji lichaze umfundisi njengomuntu onosathane kodwa oziveza kubantu njengomfundisi. Limfanise nempisi efake isikhumba semvu.
IJaji lithe ngokuthola kwalo ebufakazini obethulwe phambi kwalo ukubulalwa kukaMasie kwakuhleliwe futhi umsolwa akakhombisi ukuzisola. Libe selimgixabeza umfundisi ngodilikajele ngecala lokubulala, emihlanu azoyihlala ejele ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, iminyaka emibili ngokutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni nonyaka owodwa ngokudukisa ingalo yomthetho.