Owe-Skeem Saam Ukhala Ngokubizwa Ngezinto Ezimbi Azenza Emdlalweni
Umlingisi osanda kujoyina umdlalo owuchungechunge i-Skeem Saam oboniswa ku-SABC 1, uSicelo Buthelezi usezwakalise ukuphatheka kabi ngenxa yabantu abambiza ngezinto azenza endaweni ayilingisayo kulomdlalo. USicelo odlala indawo ka-Toby Maswahla uke wadlala kuGomora eboniswa kuMzansi Magic.
Indawo edlalwa u-Toby eyomfana owuhlupho, okhuzwa ngapha nangapha. Uke wantshontsha endaweni yokudla kaLehasa waphinde waxoshwa esikhungweni semfundo ephakeme abefunda kusona. Muva nje usemanzini abilayo njengoba enze ucansi noNtswaki bengavumelene.
Ngokomdlalo u-Toby noNtswaki basebudlelwaneni bothando kodwa ngosuku abenze ngalo ucansi bebengavumelananga. U-Toby uthathe ngokuthi ngoba bayathandana noNtswaki ngakho angenza noma yini kuye. Lokhu kuholele ukuthi alandwe amaphoyisa ekhaya, amfaka ozankosi, amgcina esitokisini.
USicelo ubhale ekhasini lakhe lika-X ukuthi: “Ngithe ngiyongena egalaji, umuntu ebengimi eduze kwakhe ungibingelele wase ethi “Eyy ke wena rapist ya Skeem Saam (eyy wena mdlwenguli weSkeem Saam).. Kungihlukumeze kakhulu ngoba mina ngiwumlingisi nje”, kusho uSicelo.

Isithombe: Umbhalo kaSicelo ku-X
Akuqali ukuthi kube nesigameko esifuze lesi esehlele uSicelo kubalingisi. Kuyenzeka kakhulu uma umlingisi eyinemba indawo ayidlalayo, kuze kube sengathi lokhu akwenzayo kwenzeka empilweni yangempela.
Kuke kwenzeka lokhu kwabebedlala ku-Generations ebidlala ku-SABC 1, o-Pamela Nomvete no Katlego Danke abahlukunyezwe abalandeli ngenxa yezindawo abebezilingisa kulo mdlalo. Nakhona ku-Skeem Saam oLerato Marabe no-Helen Bright nabo bake bahlukunyezwa ngenxa yezindawo abazidlalayo kulo mdlalo.
UVusi Leremi waso waso i-Skeem Saam uke wahlambalazwa umama owumakhelwane wakhe ngenxa yokuphuza kakhulu emdlalweni emgxeka ngokudakwa.
Emuva kokuthi uSicelo efake lolu daba ku-X abalandeli bakhe babe sebemduduza. Khona othe: “Kungcono wena awudatshulwanga ngempama njengo-Pamela Nomvete esadlala indawo kaNtsiki Lukhele ku-Generation”. Omunye uthe: “Nxese.. abantu bayakhohlwa ukuthi kuyadlalwa”.