Imibono

Emuva Kokuvota, Impilo Iyaqhubeka..

[INGUYAZANE YOMHLELI]: NgoLwesithathu cishe wonke umuntu ubesesikhungweni sokuvota eyosebenzisa ilungelo lokukhetha abaholi abazophatha kuhulumeni, elalwela abaholi abanye abasekhona, abanye abangasekho. Kube kuhle ukufika kwalolu khetho umuntu esadla anhlamvana ngoba baningi abafowethu ebesiphila nabo abangasekho. Nami njengawo wonke umuntu ngivotile, kwaba kuhle. Sesibheke ukuthi imiphumela izohamba kanjani njengoba kusabalwa. Sithemba ukuthi abazophatha uhulumeni olandelayo bazosebenzela abantu ngokuthembeka.

Ziyenzeka-ke lapha ezweni sakhile. UTshatha owumsakazi woKhozi FM naye ungomunye wabebebambe ujenga ngosuku lokuvota beyofaka u-X emaphepheni okuvota. Okumangalise abaningi ukuzwa izindaba zokuthi lomsakazi oyisilomo kubalaleli boKhozi FM ubevota okokuqala ngqa empilweni yakhe. Lokhu kwenziwa ukuthi ubevinjwa imithetho yebandla i-Jehova’s Witness elidume ngokuthi ‘Ofakazi BakaJehova’, abekhonza kulo yonke leminyaka. Nokho uTshatha sewashiya kuleli bandla. Nakho ukushiya kwakhe kwabangelwa ukuthi kuthe kushone umzala wakhe [uTshatha], wacela umfundisi ukuba azophatha inkonzo kamzala wakhe kodwa umfundisi wala, ebeka izaba ezingezwakali. Kwaba ukuduba kukaTshatha leli bandla.

Uma ubusisiwe ezweni kuhlale kwenzeka izimanga empilweni yakho. Kulelisonto sizwe u-Penny Ntuli ememezela ukuthi ukuba kwakhe ku-Jozi FM sekumnike ithuba lokunakwa ezingeni lomhlaba njengoba eqokwe kumncintiswano wezindondo i-Shining Star Africa Awards. Lomncintiswano uhlonipha abantu abenza izinto ezivelele emikhakheni ehlukene yempilo futhi bebe bebamba iqhaza ekuthuthukiseni abantu ngabodwana kanye nemiphakathi. Okwenzekile-ke lana ukuthi u-Penny uzwe sekuhambe isikhathi ngalomncintiswano, nakhona ngiyazibuza ukuthi yini edale lokho? Kanti wayeqokwe ubani lona ongazihluphanga ngokumazisa ukuze akwazi phela ukukhankasela amavoti. U-Penny ugcine enquma ukuthi ahoxe kulo mncintiswano adedele abanye beqhakaze nabo. Kanamona umaMphemba yazi.

Ayibo kwenzakalani e-Pick ‘n Pay? Lesitolo sisenkingeni futhi uma abanikazi baso bengakusukumeli lokhu okwenzeka kusona sizowa bhu phansi. NgoMsombuluko abakwa-Pick ‘n Pay bebethula umbiko wezimali wonyaka ka-2023/24 noveze ihlazo ngezimali zalesitolo. Kuvele ukuthi sinenqwaba yezikweletu esihlulwa nawukuzikhokhela. Kodwa-ke sizwile ukuthi ikhona imizamo eyenziwayo ukuzama ukuphuma kulenselelo isitolo esibhekene nayo. Okuhle nje engikuncomayo ukuthi bebengakakhulumi ngokudiliza abasebenzi ngoba kuvamile phela ukuthi kube yibo ababa izisulu uma sekunezinkinga ezidalwa abaphathi bezinkampani.

Kuleli sonto ngiphetha lengosi ngodaba engivele ngaphoxeka ngesikhathi ngiluzwa. Ihlazo elenziwa uMjosty liyadumaza. Into eyenzekile ukuthi uMjosty owusomahlaya waqasha inkakha yomculi kamaskandi uPhuzekhemisi ukuthi acule emcimbini wakhe abewenza minyaka yonke ngoZibandlela iGoduka Music Festival. Ngesikhathi emqasha wamthembisa ukuthi uzomkhokhela imali engu-R20 000 kodwa sekuze kwaphela iminyaka emibili lutho ukukhokhwa leyomali. Ngiyaphinda, ihlazo leli. Uma esefuna imali yakhe umuntu omdala ulokhu etshelwa ukuthi kusalindwe umnyango wezobuciko namasiko ukuthi ukhokhe. Nakhona uPhuzekhemisi ushilo ukuthi amanga lawo ukuthi kulindwe lomnyango ngoba yena usebenze isikhathi eside nawo, awukaze uthathe isikhathi eside kangaka ukukhokhela amaciko.

Kungako ebengikuphethe kuleli sonto boMKHAYA, kuze kube ngokuzayo.

*Inombolo yethu ongasithola kuyona ku-Whatsapp [0640179872] kanti i-email ithi: editor.umkhaya@gmail.com

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.