IzindabaUmculo

UPhuzekhemisi Ukhala Ngo Mjosty Obaleka No-R20 000 Wakhe

Inkakha yomculi kamaskandi kuleli uPhuzekhemisi idinwe iyaveva ngenxa yesenzo sikasomahlaya ophinde abe umlingisi uMjosty, sokubaleka nemali yakhe engu-R20 000 amkweleta yona. UPhuzekhemisi uthe lemali yayiyisivumelwano senkokhelo ngaphambi kokuba anandise emcimbini iGoduka Music Festival e-King Zwelithini Stadium eMlazi, owawuhlelwe uMosty eminyakeni emibili edlule.

IGoduka Music Festival iba minyaka yonke ngesikhathi samaholidi kaZibandlela.

UPhuzekhemisi utshele iphepha elibhala ngesingisi i-TimesLive ukuthi siyamdina isenzo sikaMjosty sokulokhu emshonisa le nale ngoba egwema ukukhokha lemali yakhe. “Inhliziyo yami ibuhlungu ngoba bengimethemba ukuthi uzokwenza into efanele kodwa kunalokho ungitshela izinganekwane. Wayengicelelani uma azi ukuthi akanamali yokungikhokhela?” kubuza uPhuzekhemisi.

“Ngigcina ukukhuluma naye [uMjosty] uthe ayi ukuthi akathandi ukungikhokhela kodwa umnyango wobuciko namasiko ongafuni ukukhokha, nokungamanga. Ngesikhathi enza lomcimbi ayikho i-logo yalo mnyango eyayivela esithombeni sokukhangisa lo mcimbi. Ngisebenze isikhathi nalo mnyango akukaze kuwuthathe isikhathi eside kangaka ukukhokhela amaciko. Ungenza ingane lo, ukube ngangazi ukuthi uwumuntu onjani ngabe angizange ngisebenze naye emcimbini wakhe”, kusho uPhuzekhemisi.

Eqhubeka uPhuzekhemisi uthe akafuni ngxoxo kodwa ufuna imali yakhe kulo mlingisi odlala indawo kaZwelakhe emdlalweni oboniswa ku-Etv, Isiphetho.

Isithombe: UMjosty

UMjosty uvumile uma ebuzwa ngalokhu kodwa waveza ukuthi akuyena yedwa [uPhuzekhemisi] okweletwayo kodwa bakhona nabanye abaculi ababenandisa emcimbini wakhe abangakakhokhelwa kanye nalaba ababenza imisebenzi ethile emcimbini. Okudala lenkinga ukushintshashintsha kongqongqoshe kulo mnyango. Sengize nganquma ukuthi ngiyeke ukwenza imicimbi ngoba kungiqhatha nabantu engibakhonze ngenhliziyo yami yonke”, kusho uMjosty.

“Umnyango wobuciko namasiko ukhiphe isitatimende uziqhelelanisa nemali okumele uyikhokhele uMjosty ukuze akhokhele abaculi ababecula emcimbini wakhe. “Umnyango ngeke uphawule ngalokhu ngoba wona wawunesivumelwano noMjosty ayi nabaculi ngakho akukho okuwuhlanganise nabo”, kusho isitatimende somnyango.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.