Isitolo Sakwa-Pick ‘n Pay Siguqe Ngamadolo
Kubukeka sisenkingeni enkulu yokushabalala isitolo esikhulu kuleli, i-Pick ‘n Pay njengoba sicwile shi ezikweletini futhi kunzima ukukhokhela bonke esibakweletayo. NgoMsobuluko lesitolo sikhiphe umbiko womphumela wokucwaningwa kwezimali zayo kuka-2023/24, nobekungekuhle nhlobo.
Lombiko uveza ukuthi le sitolo esidayisa inyama, ukudla nezinto ezibhakiwe silahlekelwe imali engu-R3,2 billion kwinzuzo yaso. Kuphinde kwavela ukuthi sinesikweletu esikhulu ngendlela yokuthi asisenayo imali eyanele ukufeza izidingo zokwenza imisebenzi yangaphakathi. Ngokwezilinganiso i-Pick ‘n Pay yenza imali encane kakhulu kunemali okufanele ifeze izidingo.
Okuqagulwe njengokudala lesisimo kube ukunyuka kakhulu kwemali okufanele ikhokhelwe abakweletwa ilesitolo ngenxa yokunyuka kwephesenti kwinzalo yemali esuke ibolekiwe njengoba ifinyelele ku-R5.7 billion nonyaka.
Okwenze lesimo saba nzima kakhulu njengamanje ukuthi i-Pick ‘n Pay isiphule zonke izivumelwano ezenze nebakweletayo. Lezi zivumelwano ziphulwe ukuthi lesitolo konke esasizibophezele ukukwenza kusehlule. Ngakho abenza izikweletu akuselula ukuba basethembe. Nokho abanye ebakweletayo baxegise amatomu bayivumela ukuba ibuyekeze isivumelwano ngokuthi kubanjiswe ngesitolo sakwa-Boxer esiphethwe ndawonye ne-Pick ‘n Pay ngokungamela ubunikazi bamasheya. Kafushane kuchaza ukuthi uma i-Pick ‘n Pay iqhubeka nokuhluleka ukukhokhela ebakweletayo bazothatha ubunikazi bazo zonke izitolo zakwa-Boxer.
I-Pick ‘n Pay isanda kumemezela ukuthi umndeni wakwa-Ackerman uzophuma ekuphatheni lenkampani. U-Raymond Ackerman oshone mhlaka-6 Mandulo 2003 uthenge izitolo ezine zakwa-Pick ‘n Pay ebezise-Cape Town ngo-1967. I-Pick ‘n Pay ikhule kahle kusuka lapho yaze yasabalala emazweni ehlukene e-Afrika njengaseBotswana, Eswatini, Lesotho, Namibia, Nigeria, Zambia nase Zimbabwe. Nokho ubuholi obungahlelekile nobuntekenteke kuholele kulesimo esizithole sikuso lesitolo esike senza enhle inzuzo eminyakeni edlule sedlula ne-Shoprite.
USihlalo we-Pick ‘n Pay u-Gareth Ackerman uthe unyaka odlule ube nezinselelo eziningi, ukuphoxeka nokuzama ukuqala izinto ezintsha. “Kube into ebuhlungu ukuthi ukuphathwa kwalesitolo sekufinyelele kulesimo sezimali esizithola sikuso ngo-2024.
“Umsebenzi owenziwe kuleminyaka edlule awuncomeki nhlobo, ibhizinisi lehla kakhulu. Akukho futhi okungasihlenga kulokhu’, Kusho u-Ackerman.
I-Pick ‘n Pay kumanje isezinhlelweni zokuvala izitolo zayo esezingayenzi inzuzo bese ishintsha izitolo zase-Qualisave ezenza kahle zibe -iPick ‘n Pay njengengxenye yemizayo yayo yokuvuka. Ezinye izitolo zakwa-Boxer ezisezindaweni ezikahle zizokwenziwa i-Pick ‘n Pay.
Ngesikhathi kwenziwa umbiko wezimali isikhulu esiphezulu kwa-Pick n’ Pay u-Sean Summers sithe bahlonze izitolo ezingenzi nzuzo kulesitolo banquma ukuthi bazivale thaqa.