Imibono

I-MK Party Inethuba Lokwenza Umehluko Obonakalayo

[INJOBO ITHUNGELWA EBANDLA]: NgoMgqibelo noma ngeSonto abe-Electoral Commission of South Africa (IEC) bazomemezela imiphumela yokhetho kazwelonke neyezifndazwe.

Sekucacile vele ukuthi iqembu elibusayo i-ANC ngeke lize linqobe, kunalokho kuzophoqa ukuthi libuse ngokubambisana namanye amaqembu.

Pho, kungenzeka yini i-ANC izithole ishelana ne-MK noma i-EFF ukuze kwenziwe uhulumeni wobumbano.

Ungakhohlwa njalo ukuthi umengameli we-EFF, u-Julius Malema uke wayoliphuza itiye eNkandla.
Ngamanye amagama angimboni eyiyeka indaba yasePhalaphala uma ithuba livuma.

Kanjalo ne-MK angiyiboni iliyeka lelo thuba uma livela.
Noma ngeliphi iqembu lizofuna ukubonakala ukuthi liyasebenza futhi liyakwazi ukufaka umuntu enkantolo.

Yonke ke lento ayimphathi kahle usihlalo we-ANC, uGwede Mantashe. Ngisho ngoba ngike ngambona kumabonakude ecasukile, esho ukucisha ama-camera ezintatheli.

Ngendlela abecasuke ngayo ubehamba ‘edemelayiza’ engafuni ngisho umuntu ombuza impilo.

Ugcine evumile izintathelini ukuthi uthuswe yi-MK, ethi ubengayilindele ukuthi izowina ngale ndlela. Utshele enye yezintatheli ukuthi
bona beyi-ANC abaxabene noZuma.

Empeleni akumele akhale kakhulu ngoba kudala abantu befuna impilo engcono kodwa bengenandaba.

Izibalo eseziphumile zikhomba ukuthi kuzokhonya i-MK e-KZN.

Izibalo zikhomba ukuthi leli qembu lizongena nakwi-top three noma top four kuzwelonke.
La sikhuluma ngeqembu elinezinyanga eziyisithupha likhona.

Lokhu kuchaza ukuthi abantu base-KZN basabuthemba ubuholi bukaZuma. Kuchaza ukuthi abasayingeni indaba ye-ANC.

Kuchaza ukuthi wonke amathemba abo aselele kuyona i-MK.

Abantu ba-KZN bebengakhetha nanoma yiliphi iqembu kodwa bakhethe i-MK.

Umsebenzi we-MK usulula-ke manje ngoba izinkinga zase-KZN ziyaziwa.

Okwayo nje ukuqeda isomiso samanzi, iqede lento yokucima kukagesi, kulungiswe imigwaqo, abantu bathole imisebenzi. Ihlalelwe ukuqeda ubugebengu nenkohlakalo egcwele eminyangweni kahulumeni, kuvuselelwe izingqalasizinda. Abantu abasha banikezwe amakhono.

Umile ke umbuzo uthi, ingabe iqembu le-MK lizokwazi na ukwenza yonke lento?

Iqiniso wukuthi i-MK yiqembu elisha, alikaze laphatha isifundazwe, kodwa umholi walo, uZuma uke waliphatha izwe, ngiyema lapho.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.