UTshatha Uxwayise Ngebandla ‘Ofakazi BakaJehova’ Emuva Kokuvota Okokuqala
Isilomo esiwumsakazi woKhozi FM uKhathide ‘Tshathugodo’ Ngobe uvote okokuqala ngoLwesithathu njengoba bekuvotelwa uhulumeni kazwelonke nowesifundazwe eNingizimu Afrika. Lokhu kudalwe ukuthi ubevinjwa imithetho yebandla abekhonza kulona i-Jehova’s Witness elidume ngokuthi Ofakazi bakaJehova emelene nokuthi amalungu ebandla avote.
Ukuhlonipha imithetho yebandla kwenze ukuthi uNgobe angakwazi ukuvota kusukela kungene uhulumeni wentando yabantu ngo-1994. Nokho ngoLwesithathu ukhombise ukuthokoza emuva kokusebenzisa ilungelo lokuvota okokuqala empilweni yakhe.

Isithombe: UTshatha ekhombisa umunwe ogcotshe u-ink emuva kokuvota okokuqala okhethweni obelungoLwesithathu
UNgobe utshele izintatheli ukuthi ukushiya ibandla abekhonza kulona kumvule amehlo njengoba ekwazile ukubona ukuthi imithetho eminingi yalo ayihambisani naleyo eseBhayibhelini. “Imithetho yebandla yenziwa abaholi balo abase-America ababizwa ngesigungu esilawulayo”, kusho uNgobe.
UNgobe osakaza uhlelo olungena ngehora lesithathu kuya kwelesithupha njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu uthe labaholi bakhetha imithetho ethile abaye begcizelele ukuthi ilandelwe kube ngathi into eshiwo eBhayibhelini.
“Yabona nje lomthetho wokuthi amalungu ebandla engavoti okhethweni lezwe lawo ungenye yemithetho ehamba phambili kuleli bandla. Kuze kuthiwe okushiwo ibandla kuyiqiniso lodwa”, kusho uNgobe.
Uthe ukube wayeyisinokwe noma engenawo amaphupho ngempilo yakhe ngabe akabanga umsakazi ngoba ibandla alihambisani nokuthi umuntu oyilungu lalo adume noma alandelwe zinkumbi. “Baningi abantu abanekhono nethalente kuleli bandla kodwa abangakwazi ukufeza amaphupho abo ngenxa yalemithetho eshawe ileli bandla”, kuchaza uNgobe.
UNgobe uthe uyiphulile yena imithetho yaleli bandla futhi ubengenendaba nokuthola izikhundla kulo ngoba benesifiso sokuphumelelisa amaphupho akhe. Uxwayise abantu ukuthi beqaphele ubungozi bokuzihlanganisa naleli bandla abeyilungu lalo.
“Ngimubonga angiphezi uNkulunkulu ngokungivula amehlo ngibone ubuqili namanga alenkolo engochwepheshe ekuphuphuthekiseni inqgondo yomuntu”, kusho uNgobe ekhasini lakhe lika-Facebook ngoLwesithathu.
UNgobe ulaxaze i-Jehova’s Witness emuva kokuba umfundisi wegatsha abekhonza kulona ale ukungcwaba umzala wakhe [uTshatha]. Lo mfundisi ubeke izaba wagcina engafikanga kulo mngcwabo, okwenza uNgobe walilaxaza phansi leli bandla eminyakeni emithathu edlule.
Ngesikhathi ebuzwa omunye wabaholi baleli bandla ngaleso sikhathi wathi ibandla akukho elingakuphawula ngalokho okwenziwe ilo msakazi woKhozi FM ongaconsi phansi kubalaleli balo msakazo.