EZISEMATHENI

Unike Abanye Ithuba Kweyezindondo U-Penny Ntuli

Noma abaningi bekholwa ukuthi ubevele ezowunqoba umncintiswano wezindondo abeqokwe kuwona u-Penny Ntuli kodwa yena ukhethe ukuhoxa ngenxa yokuthi imininingwane ngawo uyithole sekuhambe isikhathi. Lo msakazi osanda kuqashwa i-Jozi FM uqokwe kwi-2024 Shining Star Africa Awards emkhakheni we-Best Radio Personality of the Year.

Isithombe: Umbukiso oveza ukuthi u-Penny uqokelwe kumuphi umkhakha

U-Penny ulaxaze isiteshi sakwaZulu-Natali iGagasi FM emuva kokuba engabonanga ngaso linye nobengumphathi wakhe kulo msakazo u-Ayanda Melansi obefuna ukumholela u-R2800 ngokwenza uhlelo lwangempelasonto kulo msakazo.

I-Shining Star Africa Awards umncintiswano womhlabajikelele wezindondo zokuhlonipha abantu nezinhlangano ezenza imisebenzi egqamile emkhakheni wamabhizinisi, ezokungcebeleka, ezobuchwepheshe, ubuciko nezolimo. Uma sebeqokiwe abawungenele baye bevotelwe bese kunqoba ovotelwe kakhulu.

U-Penny ubhale ekhasini lika-Facebook ngoLwesibili ememezela ukuthi uqokelwe emncintiswaneni wezindondo. “Bomzala emuva kwenyanga yokuqala ngikwi-Jozi FM sengithole ukunakwa kuzwelonke. Siqokwe kwi-Best Radio Personality of the Year yi-Shining Star Africa Awards. Ngiyabonga ngokunakwa”, kusho u-Penny.

Kuthe abalandeli bakhe besajabulela izindaba zokungena kuka-Penny kulomncintiswano wabuye wamemezela ukuthi uyahoxa ngenxa yokuthi uyizwe sekuhambe isikhathi imininingwane ngawo nokuthi uqokiwe kuwona. “Bomzala ngokuhlonipha, ngoba umncintiswano kade waqala ngimba sekudlule isikhathi mina ukuthi ngiqokiwe kuwona, ngizocela siyekele abanye badlale umdlalo omuhle. Ngale kwalokho ngiyabonga kakhulu”, kusho u-Penny.

Abahleli balo mncintiswano babhale kwi-website yabo bathi bakholwa ukuthi lo mesebenzi abawenzayo uzokwazi ukuhlonipha abantu abakufanele lokho. ‘Sithemba ukuthi sizokwazi ukuhlonipha abantu abanokwenza izinto ezinganakiwe kodwa ezishintsha impilo nesimo sezomnotho sabantu emiphakathini. Sethemba ukuthi azokhuthaza nabanye ukuthi mabebona laba esibahloniphayo, nabo benze kahle futhi sihloniphe ngokuzayo”, kusho abahleli.

Lo mncintiswano wezindondo uvumela noma ubani ovela e-Afrika ofuna ukuhlonishwa kuwo ukuba aziqoke noma aqokwe abanye. Owakulonyaka uzoba mhlaka-13 Ntulikazi 2024 eGoli.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.